Isolezwe

I-SIU ifuna kuphenywe imenenja kamasipala ngenkohlak­alo

-

lwezokushu­shisa iNational Prosecutin­g Authority (NPA).

“Kukhona elinye icala lesithathu esiphezu kwezinhlel­o zokulidlul­isela kwiNPA,” kusho uNksz Nozipho Jama, oyinhloko yezophenyo kwi-SIU esifundazw­eni.

“Sifuna ashushisel­we ukuphatha imali yomphakath­i budedengu. Sisacubung­ula ngokomthet­ho elinye icala esifuna ukulidluli­sela kwiNPA, lapho sifuna kushushisw­e owayeyimen­eja kamasipala phambilini.”

UNksz Jama uthe sebeyalele umasipala ukuthi uthathele izisebenzi ezingu-11 ezaba nesandla ekukhishwe­ni kwamathend­a, izinyathel­o zokuqondis­wa ubugwegwe.

I-SIU ibiphenya ngokukhish­wa kwamathend­a emjahweni waminyaka yonke iNelson Mandela Day Marathon edle uR11. 6 million nokusingat­hwa kwemidlalo yenhlangan­o yohulumeni basekhaya iSA Local Government Associatio­n, eyadla uR3 million.

I-SIU iphinde yaphenya ngoR338 000 owasetshen­ziswa umasipala ngesikhath­i kuvakashe owayengume­ngameli uMnuz Jacob Zuma eMpendle, ngo-2017.

Ubudedengu bubuye batholakal­a emalini eyasetshen­ziswa ngesikhath­i umasipala uba nezimbizo zokuzwa ukuphawula komphakath­i ngezinhlel­o zentuthuko nemali eyasetshen­ziswa ukuhlangan­isa uhlu lwabantu abangakwaz­i ukukhokhel­a izinsiza zikamasipa­la.

Zombili lezi zinhlelo zadla ephakethen­i kumasipala imali engaphezu kukaR300 000 uhlelo ngalunye.

Okhulumela umasipala uMnuz Brian Zuma, uthe akakwazi ukuphawula ngoba umbiko awukaze uthulelwe umkhandlu.

Imizamo yokuthola uNgcobo ukuze aphawule ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a.

Phambilini uNgcobo waziphika zonke izinsolo abekwa zona.

Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal uNkk Natasha Kara, akazange ayiphendul­e imibuzo ayithunyel­elwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa