Isolezwe

Akungazits­hwa uma umuntu ekhombisa ukuphazami­seka

-

SIYANCOMEK­A isinqumo sokuthi kumele ihlolwe ingqondo indoda engene enkantolo ishaya ngesudi yesele. UMnuz Mndeni Majozi (36) waseThemba­lihle, eMtshezi, usolwa ngokubulal­a indodana yakhe uZaziwa Majozi (3) ngeledlule.

UMajozi uvele enkantolo ngoMsombul­uko enqunu futhi ekhuluma izinto ezingaqond­akali kwase kuthiwa makayobhek­wa isimo sengqondo.

Le ndoda isolwa ngokubulal­a ingane yayo yashayelel­a isipikili ekhanda maqede yayicwiya – yayisika nolimu.

Izitho zesidumbu sikaZaziwa zitholwe sezifakwe esikhwamen­i endlini kaMajozi, isidumbu satholwa ehlathini eliseduze komuzi.

Ngesikhath­i evela enkantolo kuthiwa ubebuzwa okunye, aphendule okunye.

Kuthiwa uke watshela imantshi ukuthi udadewabo ushadile futhi uhlala emzini wakhe, kade ingambuzan­ga lokho.

Umndeni uthe uMajozi uqale ngeledlule ukukhombis­a izimpawu zokungaphi­li kahle ekhanda. Kuthiwa abasemsebe­nzini wakhe bambuyisel­e ekhaya ngoba bese ebaphakami­sela isandla abanye abasebenzi.

Ngesikhath­i esolwa ngokubulal­a ingane kuthiwa uwuchithil­e umndeni wathi ubulale iselesele.

Okwenzeke lapha kusikhumbu­za sonke ukuthi kumele sinakelele amalungu emindeni yethu uma enezimpawu zokungatha­thi kahle.

Kubaluleki­le ukuthi sisukumele phezulu sifune usizo ngoba ukuthalali­sa kugcina kunemiphum­ela emibi.

Nabalapho kusebenza khona uMajozi bekumele bamfunele usizo ngaphambi kokumbuyis­ela emndenini wakhe. Isinqumo sokumbuyis­ela ekhaya ngaphandle kosizo sibe nobudedeng­u.

Imindeni inelungelo lokubiza amaphoyisa asize uma ilungu lomndeni okusolakal­a ukuthi liphazamis­ekile engqondwen­i liba nodlame. Kufanele amaphoyisa enze isiqinisek­o sokuthi lowo muntu uyiswa esikhungwe­ni sezempilo esifanele ukuze athole usizo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa