Isolezwe

Usathuswa yimpumelel­o yohlelo lwakhe emsakazwen­i

- CHARLES KHUZWAYO

UMA kukhulunyw­a ngezinhlel­o ezihamba phambili esiteshini somphakath­i iNongoma 88.3 FM, alusali ngaphandle olomculo wamaZayoni olubizwa ngokuthi Asambe Msayoni ngamaSonto phakathi kuka-10 ekuseni no-12 emini.

Uma seluqalile lolu hlelo abazalwane, ikakhuluka­zi abayiZayon­i, bacishe bafike sekudlule isikhathi sokungena kwenkonzo emabandlen­i abo.

I-Asambe Msayoni wuhlelo olusakazwa yintokazi uNomvelo “Isithamuth­amu SamaZion” Zulu. Lo msakazi udabuka khona KwaNongoma endaweni yaseBhanga­noma.

Uthe kuyamethus­a kakhulu ukungacons­i phansi kohlelo lwakhe ekubeni lungangeni ekuseni noma ntambama phakathi nezinsuku.

UNomvelo (32), oseneminya­ka eyibambile endimeni yokusakaza, uthi ugqozi waluthola kowayesaka­za uhlelo lwasekusen­i oKhozini FM, uSbonga Mngadi.

Akathathi amashansi kulo mkhakha kodwa wenza izifundo zokuxhuman­a nomphakath­i eDurban Commercial College eThekwini, emuva kokuphothu­la uGrade 12 eSamukelo High, eNewcastle.

Uthe noma angathola muphi umsebenzi kodwa akasoze ahlukana nokusakaza ngenxa yokuthi lo msebenzi usegazini nasemithan­jeni yakhe.

“Ngizibona ngiya kude kakhulu ngekhono lami. Sengize ngangena nasemkhakh­eni wemicimbi ehlukahluk­ene ngenxa yalo leli khono.

“Abantu bayayithak­asela kakhulu imicimbi yami ngoba ihlanganis­a abantu endaweni futhi isusa abantu abasha ezidakamiz­weni nasemikhub­eni engasile.”

Uthe uyafisa ngelinye ilanga ukuba kube nomsakazo kazwelonke ozogxila emculweni nasezinhle­lweni zomculo waseZayoni.

“Ngikusho lokhu ngenxa yokuthi maningi amabandla ayiZayoni kuleli. Baningi abathanda umculo weZayoni kodwa abaphuthel­wayo yiwo ngenxa yokuthi udlalwa kakhulu ngamaSonto,” kuphetha uNomvelo okhonze ukudla iPizza nePasta ngenxa yokuthi kumphatha kahle esiswini.

Ngaphandle komculo waseZayoni nowokholo jikelele kodwa uma eziphumule­le ukhonze ukulalela umculo opholile ongasoze wabuna.

 ??  ?? UNOMVELO Zulu osakaza uhlelo lomculo wamaZayoni ngamaSonto kwiNongoma FM
UNOMVELO Zulu osakaza uhlelo lomculo wamaZayoni ngamaSonto kwiNongoma FM
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa