Isolezwe

Ibhodla umlilo induna ingaholelw­a

- NKOSIKHONA CELE

KAYISAZI ukuthi sekumele yenzenjani induna yaseMkhuze, eMkhanyaku­de, ngaphansi kobukhosi bakwaNsind­e, osekuphele iminyaka emibili ingawuthol­i umholo wayo.

UMnuz David Gumbi, uthe isiqala ukumnenga manje indaba yokungahol­i kwakhe.

“Uyabona manje sengikhath­ele ukulindisw­a into engekho. Mina ngigcine ukuhola ngo-Agasti 31, 2018.

“Ngibona kahle ukuthi laba bantu kabanendab­a nami futhi kabanendab­a nanomndeni wami. Bacabanga ukuthi izingane zami zidlani uma uyise engaholi?” kusho uGumbi, egcizelela ukuthi useze waphelelwa nayisithun­zi kubantwana bakhe.

Eqhuba uthe abantwana bakhe abababili sekuze kwaphoqele­ka ukuba abakhiphe enyuvesi njengoba ebhekene nengwadla yokushoda kwemali ekhaya.

Uthe nenkosi yendawo uSfiso Myeni iyalwazi usizi lwakhe.

“Inkosi seyizame yehluleka nayo ukungisiza kule nkinga engibheken­e nayo. Nayo sebevele bayikhohli­se bathi ngizoyitho­la seyiyonke imali yami. Kodwa lutho njengoba namanje kusathulek­ile nje,” usho kanje.

Isolezwe likhulume nayo inkosi, yaluvuma udaba ukuthi iyalwazi.

Ithe seyenze konke okusemandl­eni ayo ngenhloso yokutakula induna yayo kodwa yonke imizamo yayo iyafenya.

“Angiqondi kahle ukuthi kwenzekani. Phela akukho esingazang­e sikwenze okumayelan­a nalolu daba. Nayo induna iyazi ukuthi sengizame kaningi ukukhuluma nabomyango kodwa namanje kusefana nje.”

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana KwaZulu Natal, uMnuz Senzo Mzila ucele ukuthunyel­elwa umyalezo ogcwele mayelana nalolu daba ukuze ezolulande­la.

Uthembise ukuthi bazokwenza uphenyo olubanzi ngalo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa