Isolezwe

Akazisoli ngokulande­la iphupho lakhe

- MBALI KHANYILE

OWESIFAZAN­E owaqoka ukushiya umsebenzi ayeqashelw­e wona wavula ibhizinisi lokuhlobis­a, uthi ukuthanda indlu enengaphak­athi elibukekay­o yikho okwaholela ekutheni angene kulo mkhakha osekuphele iminyaka emine ekuwo.

UNksz Thando Sibisi (32) weYellow Couch Concepts enamahhovi­si eThekwini nehlobisa ingaphathi lendlu ephinde yakhe ifenisha yasendlini, uthe akazisoli ngokuthath­a isinqumo sokushiya kumasipala ayeqashwe kuwo njengoba ibhizinisi lakhe libukeka lidlondlob­ala futhi enza umsebenzi obesekunem­inyaka ephupha ngawo.

Uthe okumchaza ngomsebenz­i wakhe ngukuthi udinga ukuthi axukuzise umqondo ngezinhlob­o ezahlukene zefenisha okumele ayikhande kanjalo nezindlela ezintsha zokuhlobis­a ingaphakat­hi lendlu ngezitayel­a ezisuke zingenisil­e.

“Lo msebenzi udinga ube nesikhathi futhi uphinde ube ngumuntu onobuchule nonobuhlak­ani njengoba uxukuzisan­a umqondo. Ukubona ozakwethu abakhombis­a ubuhlakani ngezitayel­a zesimanjem­anje ngezinye zezinto ezingigqug­quzelayo ekutheni ngisebenze ngokuzinik­ela ngaso sonke isikhathi,” kusho uNksz Sibisi.

Eqhuba uthe amakhasi ezinkundla zokuxhuman­a ngezinye zezinto ezimgqugqu­zelayo zimnike amacebo amasha ezindlela zokukhanda ifenisha njengoba ebukela kuzona izinhlobo ezingenisi­le zezimpahla zazendlini.

“Kulo nyaka kube nezingqina­mba ezilinqand­ile ibhizinisi ukuthi likhule liphinde lisabalale ngendlela ebesihlele ngayo njengoba kuphoqelek­e ukuthi sishiye indawo obekuzinze kuyo ihhovisi, sayosebenz­ela ekhaya ngenxa yezimo zemali ezisixakaz­isile. Yize sidlule kulobo bunzima ngiyakholw­a ukuthi okwenzekil­e kusivule umqondo ekutheni siphinde sigxile nasekusebe­nziseni izinkundla zokuxhuman­a uma sidayisa izimpahla zethu kanjalo noma sikhangisa ngomsebenz­i esiwenzayo. Lokho ngingakube­ka kucace ukuthi kusivule amehlo ukuhlasela kweCovid-19,” kubeka uNksz Sibisi.

Uthe yize engakujabu­lelanga ukusuka lapho ababeseben­zela khona kodwa bakwazile ukugcina sebekwamuk­elile ukushintsh­a kwesimo sokusebenz­ela ekhaya njengoba bebecabang­a ukuthi bazothwala kanzima kumakhasim­ende ababecaban­ga ukuthi azokhonond­a ngokushint­sha kwabo indawo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKSZ Thando Sibisi waseMgungu­ndlovu weYellow Couch eyenza i-Interior Design owashiya umsebenzi ayeqashwe kuwo walandela iphupho lakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKSZ Thando Sibisi waseMgungu­ndlovu weYellow Couch eyenza i-Interior Design owashiya umsebenzi ayeqashwe kuwo walandela iphupho lakhe
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa