Isolezwe

Itwetwe ngemfucuza esikoleni

- NKOSIKHONA CELE

BAKHALA ngemfucuza elahlwa ngabantu phambi kwesango lesikole, abazali babafundi baseZingol­weni Primary, ogwini oluseningi­zimu yeKwaZulu-Natal.

Okukhathaz­eka abazali, ngokuthola kweSolezwe, wukuthi izingane sezidlala kule mfucuza.

Kuthiwa phakathi kwezinye zezinto ezisuke zisemfucuz­eni ngamaqakel­o asebenzile, imijovo namakhondo­mu.

Ilungu lomphakath­i elikhulume neSolezwe lithe bakhathaze­kile ngokwenzak­ayo.

Lithe kwesinye isikhathi abantwana bayawathat­ha amakhondom­u bawafuthe.

Liqhube lathi imijovo kuyenzeka abantwana bahubhane ngayo.

“Asisazi ukuthi senze njani. Sesikhulum­e kaningi noMasipala iRay Nkonyeni kodwa kuyefana nje. Akukho osisiza ngakho. Sididekile manje kasisazi ukuthi senzeni.”

UMnuz Walter Ntshiliba, onguSihlal­o wesigungu esilawula isikole, uthe bakhathaze­kile ngalolu daba. Uthe sekukaning­i bezama ukululungi­sa kodwa isimo sisefana.

UMfundisi Sboniso Khumalo webandla laseSheshi, iSt Peters nalo elakhelene nesikole, uzwakalise ukukhathaz­eka ngokwenzek­ayo.

Uthe le ngwadla baqale ukubhekana nayo eminyakeni emibili eyedlule, ngesikhath­i umasipala ungasawula­ndi njalo udoti.

“Abantu engibasabe­la kakhulu ngabantwan­a baseZingol­weni Primary. Yimbi le nto. Uma inganakiwe izobalimaz­a kakhulu abantwana bethu.”

Uveze ukuthi iphunga elidalwa yimfucuza seliphazam­isa ngisho nokukhonza kwabo.

Uthe: “Iphunga elingena ngaphakath­i lapha esontweni lisiphazam­isa kakhulu. Kasisazi ukuthi senze njani. Sesizame kaningi ukuba sixhumane nabakwamas­ipala kodwa akukho abasisiza. Sonke sididekile, kasisazi ukuthi senze njani.”

Amalungu ebandla athe sekunzima nokuya enkonzweni uma kuyiSonto ngenxa yephunga.

Athe iphunga livele livimbanis­e ngaphakath­i enkonzweni kube sengathi yisegoqwen­i lezingulub­e. Kuthiwa umasipala uvele ubeke isitsha esikhulu okufakwa kusona udoti. Isitsha sigcwala ngokuphazi­ma kweso, okweza imfucuza ilahlwe phansi.

Okhulumela uMasipala, uNksz Nomusa Zulu, uthe bamatasa bahlela ukuyilungi­sa inkinga.

Uthe bazofaka nezimpawu ezizobe zixwayisa ukuthi kakuvumele­kile ukulahlwa kwemfucuza kuleya ndawo. Uthe ozotholwa eqhubeka elahla udoti uzoshushis­wa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IMFUCUZA edala itwetwe kubazali babantwana abafunda eZingolwen­i Primary eZingolwen­i
Isithombe: SITHUNYELW­E IMFUCUZA edala itwetwe kubazali babantwana abafunda eZingolwen­i Primary eZingolwen­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa