Isolezwe

Kuhlomule abezinhlel­o zeHIV kuleli

- PHILI MJOLI

UHULUMENI wase-United States uyaqhubeka nokuxhasa ngemali izinhlanga­no ezingenzi inzuzo ezenza umsebenzi wokuvikela, ukusiza nokwelapha abaneHIV eNingizimu Afrika. Usebenzisa isikhwama i-U.S. President’s Emergency Plan for Aids Relief (U.S Pepfar).

I-U.S Pepfar muva nje inikele ngoR3.7 million onikezwa izinhlanga­no ezinhlanu ezilwa negciwane eThekwini, eMgungundl­ovu, yabuye yanikelela ezinye ezintathu eHarry Gwala nasoGwini kanjalo naseKing Cetshwayo.

Izihlangan­o ezihlomule kulesi sikhwama ziyingxeny­e yezinhlang­ano ezingu-49 zakuleli, ezizothola uxhaso kulesi sikhwama ezizoxhasw­a ngoR750 000 inhlangano ngayinye. Isiyonke imali ekhishwe yilesi sikhwama ezonikezwa lezi zinhlangan­o inguR36 million.

Lezi zinhlangan­o zenza izinhlelo zokuhlola abantu ukuthi kabanayo yini iHIV, ukuze bazi isimo sabo.

Ngezinhlel­o zabo kulindelek­e ukuthi kuhlolwe abantu abangu-48 000 kuleli, okuzosiza uMnyango wezeMpilo ekutheni ukwazi ukuhlola abantu abaningi.

Lezi zinhlangan­o zibuye zenze izinhlelo zokunakeke­la abesifazan­e abasebanca­ne, abalingani­selwa ku-10 000.

Izinhlanga­no zaseThekwi­ni ezihlomule kulesi sikhwama, yi-Amadlelo Community Developmen­t Organisati­on esenyakath­o yeTheku, eFolweni Community Resource Centre, eseFolweni, iNompumele­lo Institute of Leadership eseNsimbin­i, iNurses at a Go eseLuganda, iShap Shap Cinemas eseHammars­dale.

UMnuz Nicholas Hersh, iPhini lokhulumel­a i-US

Embassy kuleli, uthe i U.S Pepfar, iyawubona umsebenzi owenziwa yizinhlang­ano zomphakath­i ekulweni negciwane futhi ifisa ukuthi ziqhubeke nokuwenza ngoba yizo ezikwazi ukubona abantu ezibasizay­o nsuku zonke.

UMnuz Zimele Mkhize weNompumel­elo Institute of Leadership, uthe kubajabuli­se kakhulu ukuthi baxhaswe yisikhwama.

“Imali esixhaswe ngayo izosisiza ukuthi sikwazi ukuqhubeka nezinhlelo zethu zokulwa nesihlava sokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane, ezokunqand­a ukusabalal­a kweCovid-19, ezokuvikel­a ukuthi kube nabantu abasha abathelele­ka ngeHIV, ukunakekel­a nokweseka asebenalo leli gciwane kakhuluka abesifazan­e abasebenca­ne nabafana,” kusho uMkhize.

UHersh uthe i-U.S Pepfar selokhu yaqala ukubambisa­na nohulumeni wakuleli ezinhlanga­no ezingenzi inzuzo emkhankasw­eni wokulwa neHIV ngo-2004, isinikele ngemali engaphezu kukaR100 billion.

Kusuka ngalesi sikhathi iPepfar ithi zingu-1 250 izinhlango ezingenzi inzuzo ezisebenza emiphakath­i, ezihlomule ngokuxhasw­a ngezimali

“I-Pepfar izibopheze­le ekuqinisek­iseni ukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika bathola ithuba lokuphila impilo ende, bakwazi ukuqhubeka nezinto ezibalulek­ile empilweni,” kusho uHersh.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UNKK Thandazile Mathe, weNompumel­elo Institute of Leadership eyenza izinhlelo zokufundis­a ngeHIV, ehlomule esikhwamen­i i-US President’s Emergency Plan for Aids Relief
Isithombe: SITHUNYELW­E UNKK Thandazile Mathe, weNompumel­elo Institute of Leadership eyenza izinhlelo zokufundis­a ngeHIV, ehlomule esikhwamen­i i-US President’s Emergency Plan for Aids Relief
 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) ?? UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, ugxeka amasela eba impahla yesikole
Isithombe: BONGANI MBATHA /AFRICAN NEWS AGENCY (ANA) UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu, ugxeka amasela eba impahla yesikole

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa