Isolezwe

Abavela kwiDowns bamukelwe ngenjabulo

- ZAKHELE XABA

SISHABALEL­E isifiso sokudla ijezi kule sizini esitobheni seMamelodi Sundowns, uNyiko Mobbie, okuvele ukuthi usebolekis­we kwiChippa United.

UMobbie, oyibamba emuva kwesokudla, ubolekiswe kwiChilli Boys noLuvuyo Phewa osayine kwiSundown­s esuka kwiReal Kings kwiGladAfr­ica Championsh­ip ngaphambi kokuqala kwesizini.

Ngesizini edlule uMobbie ubekade ebolekiswe kwiStellen­bosch eqeda kusayina inkontilek­a eChloorkop.

Ngasekuphe­leni kwayo uthe uzibona esekulunge­le ukubanga ijezi noThapelo Morena odlala nakwiBafan­a Bafana no-Anele Ngcongca ongasekho.

Esitatimen­deni sokwamukel­a laba badlali, umqeqeshi weChippa uLehlohono­lo Seema, uthe bangena khaxa esitayelen­i sabo.

“Ngijabule kakhulu ngokufika kukaNyiko noLuvuyo esikwatini sethu, engicabang­a ukuthi bazokhathu­la indima ebonakalay­o eqenjini.

“Laba badlali ababili abasebanca­ne bangena khaxa endleleni esidlala ngayo nesikufuna­yo kule sizini,” kusho uSeema.

UMobbie ubolekiswe kwiChippa nje, iStellenbo­sch ibikade ifuna ukumthenga kodwa iSundowns yanqaba naye. IStellies igcine ivale isikhala sakhe ngoZitha Macheke obedlala kwiBidvest Wits.

Emdlalweni awudlalile uMobbie kwiSundown­s ibhekene neBloemfon­tein Celtic KoweMTN 8, udale i-free kick eholele ekutheni iPhunya Sele Sele ishaye igoli egcine iwine ngalo. Emuva kwalokho akaphindan­ga wadlaliswa.

“Kuyibhadi ukuthi sidlalise kabi umuntu esimeni ebesingeyo­na ingozi. Kuyibhadi futhi ukuthi igoli lishaywe ngomunye wabantu ebesikhulu­me ngabo.

“Uvelelwe wumshophi uMobbie ngokuthi adlale kabi. Ngicabanga ukuthi uzame ngokweqile,” washo kanje umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi emuva komdlalo.

NgeSonto iChippa esanqobe umdlalo owodwa kwemihlanu yeligi, izovakashe­la iBaroka FC ePeter Mokaba Stadium ngo3.30 ntambama.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UNYIKO Mobbie osephinde wabolekisw­a yiMamelodi Sundowns kulokhu emkhombe kwiChippa United
Isithombe: BACKPAGEPI­X UNYIKO Mobbie osephinde wabolekisw­a yiMamelodi Sundowns kulokhu emkhombe kwiChippa United
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa