OwamaProteas ugcwele ithemba elisha
UMQEQESHI weqembu lesizwe le-cricket, amaProteas, uMark Boucher, ukholwa wukuthi lingakwazi ukuphendula izinto ngaphambi kwemidlalo yochungechunge ye-One Day International abazoyidlala ne-England kusukela ngoLwesihlanu eNewlands.
Nokho kubukeka sengathi kuzothatha omkhulu umsebenzi, enkundleni nangaphandle kwayo ukuthi amaProteas afinyelele ezingeni lokuncintisana nalabo mpetha bomhlaba.
I-England ibizenzela ngesikhathi la maqembu ebhekene kweyeT20. Emdlalweni wesithathu weT20 i-England ibukise ngeqembu likaBoucher inqoba ngamawikhethi ayisishiyagalolunye. Bekungokokuqala ukuthi iNingizimu Afrika ishaywe ngo 3-0 ochungechungeni lweT20 ekhaya. Elakuleli lizodlala ngaphandle kukaKagiso Rabada olimele. Kuzobuya u-Andile Phehlukwayo noDavid Miller abebesemgonqweni wokuvikela iCoronavirus. Kukhona nabadlali abasebancane, uJanneman Malan noKyle Verreynne abenza kahle kudlalwa ne-Australia ngaphambi kokuthi izwe libe kuthaqa. “Sinesikwati esihlukile. Kukhona abadlali abasha abasebancane. Siyakuqonda ukuthi konke kuzothatha isikhathi. Sizolokhu sifunda. Kufana nokuthi sisesivivinyweni njengoba sibhekene neqembu elihle. Yilokho esikufunayo. Kangiboni kungaba yinkinga ukuguqula izinto kulesi sikhathi esincane esikhona,” kusho uBoucher.
UPhehlukwayo uzobekwa iso njengoba ebuya kwazise uzobe engekho esimeni esiphelele sokulungela ukudlala ngemuva kokuchitha amasonto amabili ezivalele. Ukungabi khona kwakhe emidlalweni yeT20 kuhlale obala njengoba uBoucher eveze ukuthi kwenze iqembu lakhe langaqina ngokuphelele.
“Bekukhona ubuthuntu (emidlalweni yeT20). Sihoxise imidlalo emithathu yokuzilungiselela. Kasizange siziqeqeshe ngokwanele. Ubengekho umshwibi wethu wesithupha. Ngeke sikufihle lokho. Kasifuni ukubeka izaba. Sizimisele ngokufunda nokukhuphula izinga. Bayafuna ukuqhudelana nompetha.”