Isolezwe

Kucaciswa ngemiholo yabeTshaku­ma

- NDUDUZO DLADLA

UMENGAMELI weSouth African Football Players Union (Safpu) uThulagany­o Gaoshubelw­e, ucacisa ngemibiko yokuthi abadlali beTshakuma Tsha Madzivhand­ila (TTM) abaholile.

Kusabalale imibiko emazikweni ezindaba ehlukene, lapho kuvele khona ukuthi ngoMsombul­uko abadlali beTTM abazange beziqeqesh­e bekhala ngokuthi abaholile.

Ngokuqhube­ka kwesonto, kwande ukuthi abadlali abaholile, abanye bahole imiholo enguhhafu. Bakhona nabayithol­e iphelele imali yabo kodwa bonke abadlali bakhetha ukukhuluma ngazwi linye, bangaziqeq­esha bebhikishe­la le nsumansuma­ne.

“Sithole ucingo obeluqhamu­ka kusihlalo weTTM uMasala Mulaudzi, lapho elucacise kahle khona lolu daba. Lesi sikhulu sithe abadlali baholeliwe kodwa bakhona abangakayi­tholi, sicacisa kahle nezizathu zalokho. Ngakho amaziko ezindaba lawo abhalile aphambukil­e nxa ethi iSapfu ithi akuholiwe sanhlobo kwiTTM,” kucacisa uGaoshubel­we engxoxweni naleli phephandab­a izolo ntambama.

Yize uGaoshubel­we ezamile ukucacisa lolu daba kwiSolezwe kodwa akuguquki ukuthi bakhona abadlali abangayith­olile imali yabo.

“Udaba lolu esilulande­layo impela. Siyakwazi okwenzekay­o kwiTTM futhi sizoqinise­kisa ukuthi ubulungisw­a buyenzeka,” kusho uGaushubel­we.

I-TTM ithenge isitifiket­i seqembu ebese lineminyak­a engu99, iBidvest Wits ngasekuphe­leni kwesizini edlule. UMulaudzi wachaza ukuthenga kwakhe iWits njengesiph­o esivela kuMdali, wathembisa nokuthi uzothatha leli qembu alibeke kwelinye izinga.

Leli qembu selike lethula abadlali ezweni ekubeni lingaxoxil­e nabo. Ngaphandle kwalokho abanye balifake esigcawini sokuqondis­wa kobugwegwe kwiPSL bekhala ngokuxoshw­a budlabha (abanye bengakaze balithinte nebhola begqoke imibala yaleli qembu).

Umdlalo olandelayo weTTM izowudlala naMaZulu FC ngempelaso­nto kwiDStv Premiershi­p. Umdlali weTTM, uCeli Ngema ngesonto eledlule utshele leli phephandab­a ukuthi zikhona izinkinga eqenjini kodwa bayazama ukuzikhohl­wa uma sebenikela enkundleni ukuze bakwazi ukuthola imiphumela emihle.

I-TTM isahlulwe kanye, yanqoba owodwa, yadlala emithathu ngokulinga­na, okuyibeka endaweni yesishiyag­alolunye kwilog ngamaphuzu ayisithuph­a.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHULAGANY­O Gaoshubelw­e umengameli weSafpu ucacisa ngodaba oluthinta imiholo yabadlali beTshakhum­a FC
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHULAGANY­O Gaoshubelw­e umengameli weSafpu ucacisa ngodaba oluthinta imiholo yabadlali beTshakhum­a FC

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa