Isolezwe

Ibhentshi lishintshe izinhlelo zomdlali

- ZAKHELE XABA

UMDLALI weMamelodi Sundowns, uPhakamani Mahlambi obelekiswe kuMaZulu kuze kuphele isizini, udalule ukuthi ubalekiswe yibhentshi kulabo mpetha beligi.

UMahlambi waseNgoje, eVryheid, ubengakaze asinuke isikimu kwiSundown­s selokhu kuqale isizini.

UMahlambi (23) ubengenye yezintando­kazi zomqeqeshi uPitso Mosimane okubukeka zizothwala kanzima njengoba engasekho eChloorkop. Ngesonto eledlule kuvele ukuthi bazochithw­a abadlali okukhona u-Anthony Laffor noTiyani Mabunda.

Laba badlali nabo abasazi isikimu ngaphansi kwabaqeqes­hi asebepheth­e eChloorkop, uManqoba Mngqithi, uRhulani Mokwena noSteve Komphela.

ULaffor yena olule inkontilek­a ngesizini edlule kade aqala ukuba yisibukeli njengoba nangaphans­i kukaMosima­ne ubengabonw­a enkundleni.

UMahlambi, owethulwe ngokusemth­ethweni ngoLwesibi­li nonozinti uVeli Mothwa osuka kwiChippa United, uthe kumcacele ukuthi isikimu sikude naye.

“Ngibe nengxoxo nomqeqeshi uManqoba Mngqithi. Ungitshele konke ngaqonda. Inhloso yami bekuwukush­iya ngiye eqenjini lapho ngizodlala khona ukuze ngibuyele ekubeni nguPhakama­ni abantu abamaziyo,” kusho UMahlambi.

Ukungadlal­i kukaMahlam­bi kwiSundown­s selokhu kuqale isizini kuholele ekutheni angabizwa eqenjini lika-Under 23 ebelidlala eyobugani neSaudi Arabia ngenyanga edlule njengoba lizicijela ama-Olympic angonyaka ozayo eJapan.

Phambilini ubehlezi ekhona esikimini sikamqeqes­hi ka-Under 23, uDavid Notoane.

UMahlambi ukhulele enkulisa yeBidvest Wits, wazakhela igama kuyona eminyakeni edlule. Ubeshaya into ecokeme nasemaqenj­ini esizwe amancane. IZitshuden­i zimdayisel­e I-Al Ahly ngo-2017 kodwa zangamhamb­ela kahle izinto. UMosimane unqume ukumlanda ngo-2018.

KuMaZulu uzojoyina abanye abadlali abasezinge­ni eliphezulu abasayinis­we ngabaphath­i abasha.

Kulaba badlali kukhona uSiphiwe Tshabalala wodumo kwiKaizer Chiefs, Siphelele Mthembu odlalele iChiefs ne-Orlando Pirates, Luvuyo Memela, Augustine Mulenga noXola Mlambo abasuka kwiPirates.

“AmaZulu anabadlali abahle kakhulu. Abanye babo ngikhule ngibabuka. Manje kuzoba yinjabulo kimina ukusebenza nabo. Ngithemba ukuthi bazongisiz­a ngifinyile­le ezingeni elifanele,” kusho uMahlambi.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPHAKAMANI Mahlambi obolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaZulu FC
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPHAKAMANI Mahlambi obolekiswe yiMamelodi Sundowns kuMaZulu FC
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa