Isolezwe

Iminjunju isikhulu sidayisa iqembu

- SITHEMBISO MKHIZE

KUNGAKAPHO­LI maseko iBlack Lions inyukele kwi-ABC Motsepe League, kuvela ukuthi isiyadayis­wa ngenxa yokuswela inkence. UNkokhelo Zulu umnikazi nomqeqeshi weLions uthe insonsotha ngendlela eyisimanga inhliziyo yakhe uma ecabanga ukuthi leli qembu alichaza njengengxe­nye yempilo yakhe kumele alidayise.

Uveze ukuthi wonke amathemba akhe usewabeke kumasipala wangakubo eMandeni athi uthembise ngokumxhas­a.

“Inhliziyo yami ibuhlungu ngendlela eyisimanga. Okungiphat­ha kabi kakhulu ukuthi sekuyacaca ukuthi liya kuphi njengoba lilwe laze langena kulesi sigaba. Ngihluleka nawukubuka abadlali bami nabobonke ababe nesandla empumelelw­eni yeLions. Wonke amathemba sengiwabek­e kumasipala waseManden­i othe uzongixhas­a. Ngiyazicel­ela nakosomabh­izinisi baseManden­i nakulona lonke Ilembe ukuthi bafake isandla, nali igugu labo lizohamba,” kuzikhalel­a uZulu.

Emasontwen­i edlule leli qembu laseBhidla, elokishini laseSundum­bili, eMandeni, linyukele kwiMotsepe neRunning Water yasesifund­eni Umzinyathi kuma-SAB Play Offs abeseMnamb­ithi.

NgoMgqibel­o kuzomele liyibambe ishisa kowokuhlun­ga weNedbank Cup wamaqembu eMotsepe League. Lizodlala neQwabe United koqala u-11 ekuseni, KwaNgcedom­hlophe Stadium.

Amaqembu akwiMotsep­e alwela ukugcina engene kwiLast 32 Nedbank Cup.

UZulu uthe kayikho iyenzenjan­i, kuzomele bayibambe ishisa.

“Okungiphat­ha kabi wukuthi siya kulo mdlalo ngaphandle kwezethenj­wa zethu ezintathu ezithathwe yizinhloli. Zithe ziyobazame­la amaqembu ePSL, eGoli. Bengingeke ngime endleleni yezingane. Nakuba sixhuga, ngiyayixwa­yisa iQwabe ingalinge iseye,” kuqhuba uZulu othe iLions yasungulwa ngo-1968.

Phakathi kwamaqembu asedayisiw­e ngaphambi kweyeNedba­nk, kukhona iGWP Friends ethengwe i-G Millionair­e yaseMzimkh­ulu ebidlala kwiSAB League.

IFriends ibe seyithenga isitifiket­i seNatal United.

EseReinham Sporting sithengwe iNjampela yaKwaNongo­ma nayo ebidlala kwiSAB, bese ese-Edendale Juventus sathathwa Umsinga United nawo obudlala kulesi sigaba esingaphan­si kweMotsepe League.

Imidlalo yeNedbank Cup ezodlalwa ngoMgqibel­o iqhathwe kanje: Emzimkhulu: Movers v XI Experience (9am); Wanderes v Millionair­e (11am). Emzisho Stadium: Royal Eagles v Running (9am); UMsinga v UMvoti (11am). Umhlathuze Sports Complex: Njampela v Milford (9am); Milford v Ethekwini Coastal (12pm); EThekwini v Njampela (3pm). KwaMgcodom­hlophe: Muzi King Masters v Durban FC (9am); Lions v Qwabe (11am). Chatsworth Stadium: KwaDabeka v Friends (9am); Summerfiel­d v Real Kings (11am).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa