ICosmos neSwallows embangweni
AMAQEMBU amadala aseGauteng, iJomo Cosmos neSwallows FC afudukela eNorth West, engenaqembu elidlala kwiPremier Soccer League (PSL).
Isolezwe lithole ukuthi uJomo Sono, ongumnikazi weCosmos eyibamba kwiGladAfrica Champonship nezikhulu zeSwallows, ekwiDStv Premiership, basembangweni wokudlalela eminye yemidlalo yasekhaya eRoyal Bafokeng Stadium, eRustenburg, eNorth West.
Kuthiwa la maqembu aseke ahlangana ngokuhlukana nobuholi bobukhosi baBafokeng, kubhungwa lolu daba.
Kwagcina ngePlatinum Stars eyathengwa iCape Umoya United yaseCape Town ngo-2018 ukuthi kube neqembu laseNorth West kwiPSL.
Umthombo uthe iSwallows neZenkosi bakholelwa ekutheni bazothola udumo nokuxhaswa okwanele kubantu bakhona.
“Impela ikhona imihlangano esike yaba khona ngokuhlukana phakathi kobukhosi baBafokeng neZinyoni neCosmos. Sekuyoshiyana ukuthi yiliphi iqembu eliyisoka. La maqembu akholelwa wukuthi eNorth West angazakhela abalandeli njengoba lesiya sifundazwe singenaqembu elikwiPSL,” kubeka umthombo. Kuthintwa u-Emil Smith, okhulumela iRoyal Bafokeng Stadium, ukuvumile ukuthi sebeke bahlangana nala maqembu. “Nakuba sesike sahlangana neSwallows neJomo kodwa akukho esisavumelene ngakho. Yebo kuyiqiniso ukuthi siyalifuna iqembu elizoqasha inkundla yethu kodwa kasifuni ukuxhamazela. Sifuna zombili izinhlangothi zizuze,” kushaya ngamafuphi uSmith.
USono ukuqinisekisile ukuthi bake baba nazo izinhlelo ezifana nalezi kodwa akaboni besazoqhubeka neyokudlala eRoyal Bafokeng Stadium.
Uveze ukuthi iqembu lakhe selifudukele ngokuphelele eNorth West.
“Ngingakuqinisekisa ukuthi iqembu selifudukele eNorth West ngokuphelele. Okusenze sahamba eGauteng yisiphithiphithi sakhona. Kasibi nayo inkundla okungeyethu. Lokhu kuyasiphazamisa. Hhawu, eNorth West wuthula msindo. Sizoba nabalandeli abaningi, sihlonishwe ngendlela efanele. EyaseRoyal Bafokeng Stadium angiboni sisazoqhubeka nayo, sizolahlekelwa yimali. Sesidlalela e-Olen Park Stadium, esePotchefstroom nase-Olympia Park Stadium eseRusternburg. Yikulezi zinkundla esizonqumela kuzo amaqembu,” kuchaza uSono.
USipho Xulu, oyisikhulu esiphezulu kwiSwallows, uyivuile eyezingxoxo, wathi kakukho okuphathekeyo osekuvunyelwene ngakho.
Imiphumela yemidlalo yayizolo yeGladAfrica Championship:
Richards Bay 2-2Cape Town All Stars; JDR Stars 0-1 Pretoria University; Cape Umoya 2-0 Free State Stars.