Isolezwe

Isiphakami­so ngabafa ezingozini zomgwaqo

- NDUDUZO DLADLA

SEZIBAQEDI­LE izingozi zomgwaqo abadlali bebhola kuleli. Maningi amagama abadlali okusenzima ukwamukela ukuthi kabasekho emhlabeni ngenxa yezingozi zomgwaqo. Kukhona uLesley “Slow Poison” Manyathela, Gift “Vum Vum” Leremi, Sinethemba Jantjie. Muva nje abathandi bebhola emhlabeni basakhala bayazithul­isa ngokudlula emhlabeni kuka-Anele Ngcongca. Abanye bagcina ngokukhuba­zeka ngazo belu izingozi zomgwaqo.

Ziningi izizathu ezishiwoyo eziholela ekutheni abadlali begcine bezithola belimala emgwaqweni. Iningi liyaye likhale ngophuzo oludakayo, nempilo yasebusuku. Leli phephandab­a lilumane indlebe nenkakha edlalele iMoroka Swallows, uLefa Tsutsulupa ukuzwa owakhe umbono ngalolu daba.

UTsutsulup­a ungomunye wabadlali owawungeke uzwe lutho lubhalwe ngaye olubi, wayengukap­uteni kuleli qembu elibuye ngamandla kule sizini esigabeni esiphezulu.

Ngokusho kwale nkakha, iyodwa indlela yokunciphi­sa izingozi zomgwaqo kubadlali, abashona besebancan­e emigwaqwen­i yakuleli.

“Lolu daba lusondelen­e kakhulu nenhliziyo yami, ngoba baphelile abafowethu emigwaqwen­i. Mhlawumbe le nto angiyiqale la, unikezwa kanjani umdlali imoto engakaze ashayele nakanye empilweni yakhe? Benjalo nje bathenga nezimoto ezine-Turbo, okusho ukuthi yimoto egijimayo efuna umuntu osekujwaye­le nokushayel­a. Ngibona ukuthi mina abadayisa izimoto, amagaraji kanje, iwona angasitaku­la kule nkinga,” uqale washo kanje uTsutsulup­a.

“Into okumele yenzeke lapha, ukuthi umdlali kufanele aqale aveze ubufakazi bokuthi useke washayela ngaphambil­ini.

“Uma engenabo, kungcono afundiswe, yize ezofika nalayisens­e yokushayel­e kodwa lapho ethenga khona imoto kufanele abe nekilasi okungenani lenyanga. Lapho uzobe efundiswa ngohlobo lwemoto azoyitheng­a, aphinde athole umuntu ozolokhu emjwayeza yona.

Uma kuphela isikhathi leso kubonakala ukuthi akaphasang­a (umdlali), kumele anganikwa imoto aqhubeke afundiswe,” kusho uTsutsulup­a.

Okunye okushiwoyo ukuthi abadlali bayazithen­ga izincwadi, ngoba sebejahe ukubukwa sebeshayel­a izimoto zikanokush­o.

Leli phephandab­a libuze uTsutsulup­a ukuthi kungani abadlali abadlala eminye imidlalo efana nebhola lombhoxo, ikhilikith­i nokunye bekwazi ukuziphath­a, okuyimidla­lo okwande kuyona ezinye izinhlanga kunabaldla­i abamnyama abagcwele ebholeni.

“Baqala ukushayela besebancan­e kakhulu. Umuntu lo othi eyofunda esikoleni samabanga aphezulu usethengel­we nemoto yakhe, ngakho kakufani. Ngeshwa kubantu bakithi, uthola ukuthi umdlali uyena emndenini wakubo oqala nokuthenga imoto. Kodwa ulwazi yilona esishoda ngalo, sigagamela kakhulu,” ubeke kanje uTsutsulup­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa