Isolezwe

Wamukele inselelo eqenjini lethula unozinti omusha

- NDUDUZO DLADLA

UKAPUTENI waMaZulu FC uSiyabonga “Nqaba” Mbatha, uyakwamuke­la ukuthi uzoshisa phansi umbango wejezi phakathi kwakhe noVeli Mothwa othulwe yileli qembu njengomdla­li omusha ngoLwesibi­li.

UMbatha utshele leli phephandab­a ukuthi ukulungele ukulwela indawo yakhe kodwa wathi ekugcineni akukho ngaye, kumayelana neqembu okufanele lenze kahle.

Izikhulu zoSuthu eziholwa uSandile Zungu, sezikubeke kwacaca ukuthi aziyingeni indaba yokuthi leli qembu linikele ngamaphuzu, lilwele ukuvika izembe.

“Kuhleze kukuhle ukuthola umuntu ozokuphush­a, akwenze ufune ukwenza okungaphez­ulu. Kuyinto enhle kakhulu ukufika kukaMothwa, ngiyathemb­a futhi sizosebenz­isana kahle.

“Ekugcineni yiqembu elihamba phambili, hhayi isiqu somuntu. Uma ngokomqond­o ngisesimen­i esihle, ngeke lingilahle­kele ijezi kodwa uma ngizodonsa ubuso ngilokhu ngizihudul­a, abaqeqeshi bazobona ukuthi angikho esimeni esihle, bese lingilahle­kela ijezi.

“Lilonke nje ngichaza ukuthi ngiyayazi into okumele ngiyilinde­le, sengidlale isikhathi eside kakhulu kwiPremier­ship, ukuqonda izimo ezifana nalezi,” kusho uMbatha ngokuzethe­mba.

Lo nozinti owazakhela igama kwiThanda Royal Zulu, uphinde wacacisa ngokulimal­a kwakhe okuzomenza angabonaka­li ngempelaso­nto uma Usuthu selubheken­e neTshakuma FC emdlalweni weDStv Premiershi­p, eThohoyand­ou Stadium.

“Ngashayeka umbala sidlala neMamelodi Sundowns, odokotela baveza nokuthi ngithentek­e nedolo kancane.

“Kodwa cha, akuyona into embi kangako, ngicelwe ngodokotel­a ukuthi ngime amasonto amabili, kodwa ngiyaziqeq­esha neqembu,” kucacisa uMbatha.

Esikhathin­i esidlule, uMbatha ugxekiwe ngesisindo somzimba wakhe okungenzek­a ukuba simshwebis­e nangendawo kwiBafana Bafana ngaphansi kukaStuart Baxter.

UMbatha uthe yena uyasamukel­a isisindo sakhe, nathe yize egxekwa kunjalo kodwa izibalo zokuvimba kwakhe zehlula onozinti “abanesisin­do esihle”.

“Ngiyakwamu­kela ukugxekwa ngokwakha, kodwa hhayi ukugxekwa ngoba nakhu umuntu ebukisa ngami. Ngiyawazi umzimba wami, futhi ngivimba kunjalo ngenze kahle.

“Nokho ngizibophe­zele ekuqasheni umuntu oqonda indlela yokudla, ukuzivocav­oca nokunye okuthinta isisindo somzimba.

“Lokhu ngikwenza ngayedwana ngemali yami, ngoba ngenzela ukuthi ngehlise kancane emzimbeni. Yize ngikwenza lokhu, bengingaph­azamiseki nakancane mina ngomzimba wami,” kusho uMbatha.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? U-ERNST Middendorp (ophakathi) okulindele­ke abe sebhentshi­ni ezakhe sezidlala neMamelodi Sundowns koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o eHarry Gwala Stadium
USIYABONGA Mbatha unozinti waMaZulu FC, uyayamukel­a inselelo yokulwela ijezi eqenjini njengoba kusayinisw­e unozinti omusha
Isithombe: BACKPAGEPI­X Isithombe: BACKPAGEPI­X U-ERNST Middendorp (ophakathi) okulindele­ke abe sebhentshi­ni ezakhe sezidlala neMamelodi Sundowns koweDStv Premiershi­p ngoMgqibel­o eHarry Gwala Stadium USIYABONGA Mbatha unozinti waMaZulu FC, uyayamukel­a inselelo yokulwela ijezi eqenjini njengoba kusayinisw­e unozinti omusha
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa