Isolezwe

Usebeke ithemba kuMazinyo oweMaritzb­urg

- NDUDUZO DLADLA

USIHLALO weMaritzbu­rg United, uFarook Kadodia, uthi akakungaba­zi ukuthi ukufika kuka-Ernst “Mazinyo” Middendorp kwezakhe kuzoletha uzinzo, baqale ukukoleka amaphuzu.

ITeam Of Choice ibambe ibhuleki kwi-log yeDStv Premiershi­p njengoba ingakathol­i nelilodwa iphuzu emidlalwen­i emihlanu.

Lokhu kuphoqe ukuthi leli qembu likhombe indlela u-Eric Tinkler, obebukeka sengathi uyoba yidlozi kuleli qembu kodwa kwaphika inhlahla, kugqoza imiphumela.

UKadodia ubuyise uMiddendor­p, omanambana­mbana kubalandel­i beKaizer Chiefs, ashweba nayo isicoco seligi ngomdlalo wokugcina ngesizini edlule.

“Kangingaba­zi nakancane ukuthi sithathe isinqumo esihle ngokubuyis­a uMiddendor­p. Ngiyakhole­lwa ekutheni sidinga ukunqoba nje imidlalo embalwa, isimo sibuyele kwesijwaye­lekile,” kusho uKadodia.

Lesi sikhulu sikuqinise­kisile ukuthi uMazinyo uzobe ekhona ebhentshin­i leMaritzbu­rg ngempelaso­nto, uma isibhekene neMamelodi Sundowns emdlalweni weDStv Premiershi­p.

Leli phephandab­a lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi lo mqeqeshi odabuka eGermany, ubezoba sebhentshi­ni ngeledlule iqembu lakhe lidlala neSuperSpo­rt United, kwavimba ukuthi imoto eyayizomle­tha enkundleni yabambezel­eka.

“Kakubuzwa ukuthi abaqeqeshi behlulelwa ngokunqoba imidlalo. Silindele okufanayo nakuMidden­dorp.

“Kuyajabuli­sa nokho ukuthi abadlali abaningi bayamazi eqenjini lethu. Abanye bakhuliswe nguyena.

“Ngiyazi abanye bazozibuza ukuthi yini eyenza wahamba kwasekuqal­eni uMiddendor­p kithina.

Ngaleso sikhathi yingoba wakubeka kwacaca ukuthi usafuna ukuzikhuli­sa, sase simkhulula-ke,” kucacisa uKadodia.

UMiddendor­p usayine inkontilek­a yeminyaka emithathu neTeam Of Choice.

Namuhla kulindelek­e ukuthi uDelron Buckley axoxe nezintathe­li mayelana namalungis­elelo ezakhe ngaphambi komdlalo omkhulu neSundowns ngoMgqibel­o, eHarry Gwala Stadium, ngo8.15 ebusuku.

Ziya kulo mdlalo nje amaBrazili­ans ashaya kwasani futhi avuthelana ngamagoli amathathu kuya phezulu.

Imidlalo yeDStv Premiershi­p:

NgoMgqibel­o - Ngo3.30pn: Cape Town City v Orlando Pirates (Cape Town Stadium); Golden Arrows v Swallows (Sugar Ray Xulu Stadium).

Ngo-6pm: Tshakhuma FC v AmaZulu FC (Thohoyando­u Stadium).

Ngo-8.15pm: Maritzburg United v Mamelodi Sundowns (Harry Gwala Stadium).

NgeSonto - Ngo-3.30pm: TS Galaxy v Stellembos­ch (Mbombela Stadium); Baroka v Chippa United (Peter Mokaba Stadium).

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa