Umfundisi ubanjwe inkunzi endlini yesonto
USINDE kukubi uMfundisi wamaWeseli ehlaselwa yizigebengu ngoLwesibili ebusuku, eMission yakwa-V, eMlaza.
UMfundisi Sandile Makhaye uthe ubonga uNkulunkulu ngokuthi abahlaseli bagcine ngokumkhomba nje ngezibhamu bangawukhipha umphefumulo wakhe nowabantwana bakhe bamantombazane abenabo ngesikhathi ehlaselwa.
Elandisa uthe bekungu-3 ekuseni ngesikhathi ephuma emnyango ethi ulungiselela ukuyisa indodakazi yakhe eVryheid lapho ithole khona itoho.
Uthe ubone sekuthushuka amadoda amathathu angazi nokuthi angene kanjani ngaphakathi emasangweni esonto.
Uthe awachithanga sikhathi avele amkhomba ngezibhamu.
“Bavele baqhamuka sebengikhomba ngezibhamu bobathathu bengithethisa bethi angikhiphe imali. Okungixakayo wukuthi imali abayifunayo bayibize ngesamba bathi bafuna uR20 000. Ngibatshelile ukuthi anginawo,” kusho uMakhaye.
Ngemuva kwalokho uthe oyedwa ubuyile wazomlanda wamngenisa ngaphakathi endlini base bebalalisa phansi bobathathu ngezisu babavalela egunjini elilodwa maqede bavala isicabha.
“Abazange bapholise maseko ngoba bavele bazitapela izinto abazithandayo ebezisendlini. Ezintweni abazithathile kukhona ne-laptop yami nomakhalekhukhwini abayisithupha. Ngemuva kwalokho baqonde ngqo ekhishini batapa yonke inyama ebikhona efrijini bayifaka koplastiki maqede baphumela emnyango,” kusho uMakhaye.
Sebesemnyango uMakhaye uthe bathathe imoto yakhe iHonda bafaka kuyona zonke izinto ebebezebile bahamba nayo.
Uthe abantwana bakhe kubaphazamisile kakhulu emoyeni ukuhlaselwa kwabo.
Kumanje uthe benesigungu sebandla bahlela ukuqinisa ezokuphepha esontweni.
UMakhaye ungomunye wabefundisi abadala baseWeseli njengoba sekuphele iminyaka engu-32 alijoyina ibandla. Wazakhela ugazi ngesikhathi enguSihlalo wenhlangano iLocal Preachers Association.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele, kushaye isikhathi sokushicilela engatholakalanga ukuze aphawule ngalolu daba.