Izoqhubeka nombango iCreta entsha
I-HYUNDAI Creta entsha isifikile eNingizimu Afrika ukuzozama ukuqhubeka nokudoba abathengi abathanda izimoto ezingamaSUV aqoqekile.
ICreta iqale ukwethulwa eNingizimu Afrika ngo-2017. Kusuka lapho sekudayiswe angaphezu kuka-14 811 futhi ngesitokwe esisasele, kubonakala ezodlula ku-15 000.
Ifika ukuzobanga abathengi neKia Seltos, Mazda CX-3, Toyota C-HR, Honda HR-V, VW T-Cross neVW T-Roc.
Izishaya saSanta Fe yakwabo enkulu ngaphambili ngamalambu angezansi kwamaLED daytime running lights ngaphezulu.
Kwi-Executive amalambu angamaLED. Yona i-Executive iphinde ibe namarimu angu-17 inch kuthi iPremium ibe nangu-16 inch alloys.
Inemibala ehlukene abathengi abakhetha kuyo kanjalo nenemibala emibili - ohlukile emzimbeni nomunye okhakhayini.
Ngaphakathi bayakhe kahle, ayinazo izinto eziningi futhi yonke into isobala. Ngaphambili kune-8 inch touchscreen infotainment system okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto.
Isiteringi sinamabhathini okulawala umsakazo nokunye bese kuthi izihlalo zibe yisikhumba esinezitishi ezibomvu.
Ivulekile kunendala ngoba ibhuthi isingu-433 litres kanti endala yayingu-402 litres.
Ngonyaka ozayo bathi kuza elayisha abagibeli abayisikhombisa.
ICreta ihamba ngenjni engu1.5 litre kaphethroli enamandla angu-85kW netorque engu-144kW. Isebenzisa u-gearbox oyi six-speed oshintshwayo.
Kukhona no-gearbox ozishintshayo omusha obizwa ngeIntelligent Variable Transmission (IVT) abathi wenza ihambe kamnandi ungezwa uma ishintsha futhi amandla enganciphi.
Enye engu-1.5 ngekadizili eneturbo efuqa amandla angu85kW netorque engu-250Nm. Inogearbox ozishintshayo.
Eyokugcina ngengu-1.4 litre turbocharged kaphethroli etholakala kwi-Executive kuphela. Inamandla angu-103kW netorque engu-242Nm. Isebenzisa ugearbox ozishintshayo oyi-7 speed DCT.
I-Executive enenjini yokugcina yiyo esithole ithuba lokuyizwa ngesikhathi yethulwa futhi ihamba kamnandi emgwaqeni. Amandla iwathumela kahle futhi idumela phansi kwazise u-gearbox uyashesha ukushintsha.
Intofontofo futhi awukho nomsindo otheni ngaphakathi.
Ngakwezokuphepha iCreta ifika nama-airbag ngaphakathi yonke indawo, indawo yokufaka isihlalo sengane, Electronic Stability Control, iyabika uma amasondo ehlelwa umoya neHill-start Assist Control. )
Amanani
Creta 1.5 Premium (manual) R 374 900
Creta 1.5 Executive IVT R 429 900 Creta 1.5 Executive IVT (2-tone
R 434 900
Creta 1.5 Executive Diesel (automatic) R 469 900
Creta 1.5 Executive Diesel (automatic) (2-tone) R 474 900
Creta 1.4 TGDI Executive DCT (2-tone) R 484 900
Ifika neservice plan yeminyaka emine noma ephela ngemuva kwebanga elingu-60 000km, i-warranty yeminyaka eyisikhombisa noma u-200 000km ne-roadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.