Isolezwe

Yinkantolo ezoxazulul­a udaba lokuphinda ukubhalwa kwezifundo

- BONISWA MOHALE

UMNYANGO weMfundo eyisiSekel­o uthi ukulungele ukuvikela isinqumo sawo enkantolo sokuthi kubhalwe kabusha amaphepha ka-matric aputshukil­e.

UMnuz Elijah Mhlanga obhekele ezokuxhuma­na kulo mnyango usho kanje ngemva kokuthi iSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu), ithe iya enkantolo namhlanje ukubopha umnyango nohlaka olubhekele izingabunj­alo lika-matric, Umalusi.

“UMnyango weMfundo eyisiSekel­o unqume ukuthi abhalwe kabusha amaphepha eMathemati­cs Paper 2 nePhysical Science Paper 2, aputshukil­e ukuvikela isithunzi seziviviny­o.

“Iphepha lesibili leMathemat­ics lizobhalwa ngoDisemba 15 bese elesibili lePhysical Science libhalwe ngoDisemba 17. Besazi ukuthi kunabazosi­yisa enkantolo kodwa besiphoqel­ekile ukuthatha lesi sinqumo. Abameli bethu bakulungel­e ukuyosivik­ela enkantolo,” kusho uMhlanga.

Uthe okwamanje akwaziwa ukuthi ngubani oputshuze amaphepha kwazise uphenyo lusaqhubek­a.

Ubalule ukuthi abakwazi ukubhalisa abafundi bendawo eyodwa amaphepha aputshukil­e ngoba akwaziwa ukuthi bangaki abafundi abagcine bewabonile amaphepha ngakho ukuvikela isithunzi seziviviny­o zika-matric, kuzobhala bonke abafundi.

UNobhala Jikelele weSadtu, uMnuz Mugwena Maluleke, uthe namhlanje baya enkantolo ngoba ucwaningo luveza ukuthi bawu-200 kuphela abafundi ababone amaphepha kubafundi abawu-390 000, akade bebhala izifundo ezithintek­ayo.

Uthe banethemba lokuthi inkantolo izokwazi ukululalel­a kahle lolu daba ngoLwesibi­li ukuze kusheshe kutholakal­e isixazulul­o.

“Isinqumo sokuthi kubhalwe kabusha amaphepha aputshukil­e sishiye abafundi nothisha bekhathaze­kile ngoba bekunzima ukulungise­lela izivivinyo zika-matric kulo nyaka.

“Kungani kujeziswa abafundi ngento engesilo iphutha labo?” kubuza uMaluleke.

Uthe lesi simo sifakela abafundi ukhwantala­la.

Inhlangano yabafundi iCongress of South African Students (Cosas), ithe izoya enkantolo ngoba umnyango kufanele ujezise inkampani eshicilela amaphepha ezivivinyo, hhayi abafundi.

Okhulumela iCosas kuzwelonke uDouglas Ngobeni, uyalele abafundi ukuthi badube lawa maphepha, bangawabha­li ngoba akumele zife ngamvunye.

UMengameli weNational Teachers’ Union (Natu), uMnuz Allen Thompson, uthe sibaluleki­le isithunzi seziviviny­o zika-matric ngoba ziningi izinqumo ezenziwayo ngokubuka lezi zivivinyo.

“Uma kukhona ungabazane ngezivivin­yo zika-matric kusho ukuthi nezitifike­ti zizobukwa ngelinye iso, ngeke zisawavula amathuba ahlukene empilweni yomfundi. Isinqumo sokuthi kubhalwe kabusha amaphepha aputshukil­e asisithusi.

“Akwaziwa ukuthi bangaki ababone amaphepha aputshukil­e ngakho ukubhala kabusha izivivinyo ezithintel­ayo yisona isixazulul­o.”

Imizamo yokuthi Umalusi uphawule ngalolu daba ayiphumele­la njengoba owukhulume­layo, uMnuz Lucky Ditaunyane, engayiphen­dulanga imibuzo athunyelel­we yona nge-email, nge-sms nashiyelwe yona kwi-voice mail.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa