Isolezwe

Bahlaba ukuphindwa kwamapheph­a

- KHULEKANI MASEKO

KUYASILIMA­ZA isimo somqondo sabafundi ukuphinda iphepha abese bezitshela ukuthi sebelibhal­ile, okungaba nomphumela ongemuhle uma sekumenyez­elwe imiphumela.

Lokhu kushiwo ngabelulek­i bezengqond­o kulandela isimemezel­o sikaNgqong­qoshe weMfundo eyisiSekel­o uNkk Angie Motshekga, sokuthi amaphepha aputshukil­e azophinde abhalwe ngesonto elizayo.

UMnuz Ndabe Myeza ongumelule­ki wezengqond­o, uthe lokhu kungahle kwenze imiphumela yabafundi ingabi mihle.

“Abafundi bese bezitshela ukuthi sebeyaqeda ukubhala, abanye sebehlisil­e kancane emfuthweni abebenawo ngesikhath­i beqala. Abanye bese beqalile ukuzijabul­isa ngezinto ezehlukene, ngakho ukubabuyis­ela esimeni sokubhala izifundo ezidinga kakhulu umqondo, kungaba nemiphumel­a engemihle ekuphaswen­i kwazo,” kusho uMyeza.

UNkk Hameeda Bassa-Suleman naye ongumelule­ki wezengqond­o, uthe ukubhala lawa maphepha okwesibili kuzobafake­la ingcindezi nokhwantal­ala abafundi.

“Bazoba bancane kakhulu abafundi abazokwazi ukwenza kangcono uma sekubhalwa izifundo. Iningi labafundi lizothwala kanzima kakhulu ngenxa yalesi sinqumo sokuthi kuphinde kubhalwe amaphepha, bona abese bezitshele ukuthi baqedile ngawo,” kusho uNkk Bassa-Suleman.

USihlalo wenhlangan­o elawula izigungu zezikole KwaZulu-Natal uMnuz Zwile Zulu, uthe udaba lokuphindw­a kwamapheph­a kumele lubukwe nxa zonke ukuze kuqhanyukw­e nesisombul­ulo esizovuna wonke umuntu.

“Kuyiqiniso ukuthi abafundi kuzobafaka ngaphansi kwenkulu ingcindezi ukubhalwa kwamapheph­a okwesibili ngoba bese bezitsheli­le ukuthi badlulile kuwo. Ngakolunye uhlangothi ukungaphin­dwa kwawo kungenza umfundi obewabhala, angabinakh­o ukuziqheny­a okuphelele ngesitifik­eti sakhe impilo yakhe yonke ngenxa yokuthi angahlale esoleka ngokuthi kungenzeka ukuthi wabhala eselibonil­e iphepha, okungenza noma eziphase kahle lezi izifundo angakuthol­i ukuhlonish­wa okumfanele. Ukuphindwa kwawo kungabenza bazethembe abafundi,” kusho uZulu.

Uthe akuzona izinhlaka ezithile kuphela okumele zibe nombono kulolu daba kodwa kumele abantu bakuleli baveze imizwa yabo okungaleke­lela esinqumeni esiyisona.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? BABEJABULE kanje abafundi baseSibone­lo Secondary KwaMashu ngesikhath­i beqeda ukubhala iphepha lesibili leMaths ngenyanga edlule
Isithombe: SIGCINIWE BABEJABULE kanje abafundi baseSibone­lo Secondary KwaMashu ngesikhath­i beqeda ukubhala iphepha lesibili leMaths ngenyanga edlule

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa