Isolezwe

Zinengebhe izikhulu ezisatshis­wayo

- SABELO NSELE

ZIYASABA izikhulu zikaMasipa­la wesiFunda uMkhanyaku­de okuthiwa zifunwa ngezibhamu ngosonkont­ileka abathi kabakhokhe­liwe imali yabo.

Kuthiwa sezilala obenyoni izikhulu ezimbili zalo masipala, umphathi wezimali uMnuz Thulani Mabika noMnuz Sabelo Madela oyinhloko yomnyango iTechnical Services.

Lokhu kulandela isigameko lapho kuthiwa iqeqebana losonkonti­leka abebeqashw­e ohlelweni lokufakwa kwamanzi kumasipala, lingene ngendlovu iyangena emahhovisi kamasipala, lifuna ukubona izikhulu ezimbili.

Kuthiwa izikhulu azisayi emsebenzin­i selokhu kwenzeke lesi sigameko sangesonto eledlule kanti kuthiwa nabanye abasebenzi bakamasipa­la sebeyasaba ukuya emsebenzin­i.

Abalisa okuthiwa bebehlome bephelele kuthiwa basabise ngokuthi kuzofa umuntu uma bengayitho­li imali yabo.

“Bafike babamba uMadela ngesidloza­na. Bamnqumela ugwayi katiki, bathi bafuna imali yabo. UMabika usindele ukuthi ubengekho ehhovisi,” kusho umthombo weSolezwe.

Kuthiwa izikhulu ziphinde zasinda ngokulambi­sa ngalo isonto eledlule ngesikhath­i zihlaselwa ziphuma emhlanganw­eni womphakath­i owawuseHlu­hluwe.

Okhulumela umasipala uMnuz Mdu Dlamini, usigxekile isenzo sokuhlasel­wa kwezikhulu.

“Sishaqeke kakhulu ngalesi senzo sabantu abafike emahhovisi omkhandlu, basabisa abasebenzi. Noma ngabe bebefuna imali yabo, akufanele benze kanjeya. Ikhona imigudu ebekiwe okufanele bayilandel­e.”

UDlamini uthe umkhandlu usuyalele uMabika noMadela ukuthi bavule amacala emaphoyise­ni.

“Emhlanganw­eni bakuvezile ukuthi sebenovalo ngempilo yabo. Bayalelwe ukuthi bavule amacala ngoba kuyicala elibomvu ukuhlokolo­za abasebenzi bakamasipa­la emsebenzin­i.”

UDlamini uthe kabanayo inkontilek­a nezinkampa­ni ezithintek­ayo njengoba zingamasub contractor.

“Uma bona bebengakho­kheliwe, bekungafan­ele bezophazam­isa ukusebenza kukamasipa­la. Bekufanele baye ezinkampan­ini ezibaqashi­le.”

Uthe umasipala uzoqinisa ezokupheph­a ukuze isigameko esinje singaphind­e senzeke.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa