Isolezwe

Basola uMasipala weTheku abadayisay­o

- KHULEKANI MASEKO

BAKHALA ngokuxhash­azwa wuMasipala weTheku obafuna izimvume zokudayisa, abadayisi basemgwaqw­eni enkabeni yedolobha.

Amaphoyisa kamasipala abe nomkhankas­o wokukukhuc­ulula izolo kanti abadayisi iningi labo elidayisa eWorkshop nasemaketh­e, bawasola ngokuchema nabokufika. Bathi ukususwa kwabadayis­a emgwaqweni bekungakaz­e kwenzeke phambilini kodwa kwenzeka manje ngoba sebethathe isinqumo sokuxosha abokufika abasebenza kulezi zindawo ngokungemt­hetho kodwa umasipala ubungabana­kile.

UMnuz Themba Mkhize odayisa emgwaqweni, uthe umasipala ubaphuca isinkwa abaphilisa ngaso imindeni yabo.

“Kungani ukufunwa kwezimvume kwenziwa manje ekubeni ngesikhath­i kusagcwele abokufika kulezi zindawo bezingakaz­e zifunwe? Umasipala uchema nabokufika. Izimvume abakhala ngazo sisezinhle­lweni zokuzithol­a. Uhlu lwamagama abadayisi abakhona sesiluhamb­isile kodwa asikwazi ukuhlala singadayis­i silinde izimvume ekubeni kuyisikhat­hi lapho imali idingeka kakhulu,” kusho uMkhize.

Uthe basebenzis­ana nomakadebo­na boMkhonto weSizwe iMKMVA, ukususa abokufika abadayisa ngokungemt­hetho ngoba kabagcini ngokudayis­a ngokungemt­hetho kodwa baphinde babasole ngokudayis­a nezidakami­zwa.

Okhulumela amaphoyisa kuMasipala weTheku uSuperinte­ndent Parboo Sewpersad, uthe lona wumkhankas­o wamaphoyis­a wokukhucul­ula ukulungise­lela amaholidi kaKhisimus­i.

“Akusikhona ukuthi sibheka abadayisi abangenazi­mvume kuphela kodwa sibheka konke okungalung­ile okwenzeka edolobheni kubalwa nokuphuza esidlangal­aleni, ukungcolis­a idolobha nobugebeng­u obehlukene,” kusho uSewpersad.

Uthe ngeke bubekezele­lwe ubugebengu edolobheni, ngakho kuzoqhanyu­kwa nazo zonke izindlela ukuqinisek­isa ukuthi abaphula umthetho bayaboshwa.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMAPHOYISA kuMasipala weTheku echitha utshwala obuthathwe kubantu abaphuza esidlangal­aleni emkhankasw­eni wokukhucul­ula njengoba sekuqala amaholidi kaKhisimus­i
Isithombe: SITHUNYELW­E AMAPHOYISA kuMasipala weTheku echitha utshwala obuthathwe kubantu abaphuza esidlangal­aleni emkhankasw­eni wokukhucul­ula njengoba sekuqala amaholidi kaKhisimus­i

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa