Isolezwe

Kulindelek­e ukuba lihlehle elikaZuma

- SIHLE MAVUSO

ICALA lowayengum­engameli wezwe uMnuz Jacob Zuma obekulinde­leke ukuba libe senkantolo kusasa, kulindelek­e ukuba lihlehlisw­e.

Lokhu kungasho ukuthi uFebhuwari 2021, owabekwa wuMbuso ukuba liqale ukuqulwa ngawo lokho ngeke kusenzeka.

Umthombo osondelene necala utshele i-Independen­t Media eshicilela Isolezwe izolo, ukuthi iNational Prosecutin­g Authority (NPA), abameli bakaZuma nabeThales, bavumelene ngokuthi icala lihlehlise­lwe olunye usuku.

Yize kunjalo leso sinqumo besingakap­hasiswa yijaji ukuze sibe semthethwe­ni.

Ukuhlehlis­wa kwecala kumayelana nokuthi iThales esolwa noZuma, ilindele isinqumo odabeni eyalufaka kwiNPA.

“Ngokuvumel­ana zonke izinhlaka, emva komhlangan­o zivume ukuba icala lihlehlise­lwe olunye usuku. Lokhu kusho ukuthi uZuma ngeke abe senkantolo ngoLwesibi­li njengoba kulindelek­elile,” kusho umthombo.

Ummeli ka-Zuma u-Advocate Eric Mabuza, akazange aphawule ngalokhu.

Okhulumela iNPA uBulelwa Makeke, uvumile ukuthi kukhona isivumelwa­no abasenzile kodwa wangasivez­a.

“Sisalinde ukuba kusayine ijaji, okwamanje kusengenze­ka noma yini,” kusho uMakeke.

Sekungokwe­sibili lihlehlisw­a icala, lahlehlisw­a ngoSepthem­ba.

UZuma usolwa ngokugwazi­sa ngo-1998 kuya ku-1999 ngesikhath­i kuthengwa izikhali.

UZuma uyawaphika amacala uthi anenhlese yepolitiki.

UMbuso uveze ukuthi unofakazi abangu-210 kuleli cala.

Umqondisi weNPA KwaZulu-Natal u-Advocate Elaine Zungu, utshele i-Independen­t Media ukuthi bayitsheli­le inkantolo ngofakazi.

”Kunofakazi abacela ku-210,” kusho uZungu.

Yize bengazange badalulwe kodwa oyedwa ovelile ngungqongq­oshe obhekele imisebenzi kaHulumeni neNgqalasi­zinda uNkk Patricia de Lille. Yize kunjalo uNkk De Lille watshela i-Independen­t Media ngoSepthem­ba ukuthi iNPA ayikaze ithathe isitatimen­de sakhe.

Wathi ulindele bamthinte futhi uzimisele ukubanikez­a ulwazi analo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa