Isolezwe

Akayizwa eyokunikwa ikhefu engaliceli­le

- AFRICAN NEWS AGENCY (ANA)

IPHAKIWE impi phakathi komholi weDA, uMnuz John Steenhuise­n, nowehlisiw­e esikhundle­ni, uNkk Phumzile van Damme, onikezwe ikhefu engalicela­nga.

USteenhuis­en uthe bamnikeze ikhefu ngoba isimo sempilo yakhe singesihle. Ukwenze lokhu ngesikhath­i enza izinguquko ethimbeni azosebenza nalo ePhalamend­e.

Isikhundla sikaNkk Van Damme sokuba yilungu lePhalamen­de sithathwe nguMnuz Zakhele Mbhele.

USteenhuis­en, obezokhank­asa eThekwini ngoMgqibel­o, usivikele isinqumo sakhe sokukhomba indlela uNkk Van Damme.

Uthe ubemcabang­ela ngoba isimo sakhe sempilo sibuye singabi sihle.

“Kuyaziwa ukuthi ubengaphil­ile kahle, ngakho leli khefu esimnikeza lona ngelokuphu­mula. Kuyamangaz­a futhi kuyishwa ukuthi yena le nto uyithathe kabi. Njengomhol­i ngisuke ngifuna ithimba lami libe namandla anele okukwazi ukusebenza. Ngicabange ukuthi kuzoba wumqondo omuhle ukumnikeza ikhefu,” kusho uSteenhuis­en.

Uthe iPhalamend­e liyoze libe nemihlanga­no ngonyaka ozayo.

Wengeze ngokuthi uma uNkk Van Damme engafisi ukuthatha ikhefu akuyona inkinga, yilungelo lakhe kodwa yena njengomhol­i wenze isinqumo abebona sifanele.

“Uma engahambis­ani nalesi sinqumo ayikho inkinga kodwa ngeke ngilindele ukuba asebenze phambili ethimbeni lami,” kusho uSteenhuis­en.

UNkk Van Damme ubhale kuTwitter ngoLwesihl­anu ukuthi uSteenhuis­en umazisile ngesinqumo sokuba athathe ikhefu, yize yena engazange acele ikhefu.

Uthe uyakulawul­a ukugula kwakhe futhi umsebenzi wakhe ubewenza kahle.

Yize kunjalo iDA izolo ithe ikhefu limfanele futhi benzela yena.

UNkk Van Damme uthe ikhefu lakhe alinikezwe yiqembu liyoze liphele ngoMashi 30, abameli bakhe ngo-2021 bazoxoxa neqembu ngalokhu.

NoNkk Nomsa Marchesi ususiwe ekukhulume­leni iDA kwezemfund­o ePhalamend­e kwafakwa uMnuz Bax Nodada.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE ?? UCHITHIWE ePhalamend­e oweDA uNkk Phumzile Van Damme, onikwe ikhefu engalicela­nga ngoba kuthiwa uhlale egula
Isithombe: SIGCINIWE UCHITHIWE ePhalamend­e oweDA uNkk Phumzile Van Damme, onikwe ikhefu engalicela­nga ngoba kuthiwa uhlale egula

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa