Isolezwe

Beluleka uhulumeni ngemishang­uzo yeCovid-19

- BONISWA MOHALE

ISOUTH Africa Medical Associatio­n (Sama) icele uMnyango wezeMpilo kuleli ukuthi usebenzisa­ne namanye amazwe ukuthenga ikhambi leCovid-19.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe kwabezinda­ba iSama, ithe kuyaphoxa ukuthi uMnyango wezeMpilo kuzwelonke awuyikhokh­anga imali yokubekisa ukuthenga ikhambi leCovid-19 namanye amazwe.

“Kufanele ukuthi uMnyango wezeMpilo kuzwelonke uqinisekis­e ukuthi likhona ikhambi leCovid-19, ikakhulu ngaphambi kokuthi isigaba sesibili salolu bhubhane sidlange kakhulu. Sikholwa wukuthi uMnyango wezeMpilo ungenza kangcono ngokuxoxis­ana nezinkampa­ni ezikhiqiza amakhambi ukuze imishanguz­o itholakale kalula, nangemali engambi eqolo,” kusho uDkt Angelique Coetzee osebhodini leSama. Uthe amanye azwe aseqalile ukufaka imali ukuze athole imishanguz­o ngemali engambi eqolo.

“UMnyango wezeMpilo nohulumeni waseNingiz­imu Afrika kufanele uthenge ikhambi leCovid-19 namanye amazwe. Kufanele abantu bakhumbule ukuthi ngaphansi kwesivumel­wano seCovax, iNingizimu Afrika ibukwa njengezwe elinemali. Izokhokhis­wa imali efanayo nemali ekhokhwa yi-United States of America. Akufanele uhulumeni avume lokhu ngoba umnotho awenzi kahle. Kufanele asayine isivumelwa­no esizonika iNingizimu Afrika ikhambi ngemali encane ezokhokhwa ngamanye amazwe ase-Afrika angenzi kahle kwezomnoth­o,” kusho uDkt Coetzee.

Uthe iSama iluleka uhulumeni ukuthi axoxe nezinkampa­ni ezikhiqiza imithi namaphilis­i ukuze akwazi ukuthola ikhambi leCovid-19 ngemali encane.

UDkt Coetzee ukhale ngokuthi amakhambi eCovid-19 akhona njengamanj­e kawabhalis­iwe eNingizimu Afrika kanti kufanele abhaliswe nakuleli ukuze abantu bakwazi ukuwathola kalula.

Uphethe ngokuthi uMnyango wezeMpilo kuzwelonke kufanele ubeke zonke izinhlelo zawo obala ukuze kuzovikelw­a abasebenzi bezeMpilo nabantu bakuleli kwiCovid-19.

UMnyango wezeMpilo uthe uzokhokha uR327,118 ohlelweni lokuthola ikhambi leCovid-19.

Le mali izokhokhwa ngoDisemba 15 futhi iNingizimu Afrika iseyingxen­ye yohlelo lweCovax oluqinisek­isa ukuthi ikhambi litholwa yiwo wonke amazwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa