Isolezwe

Ukhozi alucacise ngoSgiya Ngengoma noTshatha

-

MHLELI: Ngiyakhule­ka kinina beSilo, nina beNkayisha­na kaMenzi.

Cha lapha ngithi angike ngibhale ngibonge uhlelo loKhozi FM iSgiya Ngengoma lwangoDise­mba 5 lapho uZimdollar Biyela ebelubambe yedwa khona kwaze kwamnandi.

Phela uma kukhona uzakwabo uKhathide “Tshatha” Ngobe sisuke sivelelwe ngabalande­li baKhuzani Mpungose ezinkundle­ni zokuxhuman­a bechoma ngaye. Angithi sonke sesiyazi ukuthi uTshatha uhamba naye uKhuzani, usesakaza kulolu hlelo ngokomyale­lo kaKhuzani.

Kade engekho emoyeni, uZimdollar eyedwa kuSgiya Ngengoma nathi sazizwa samukeleki­le. Ave kumnandi ukulalela uhlelo olusakazwa ngumsakazi ongekho ezimpini zabaculi. Into engifike ngayifisa kade ngilalele uZimdllar wukuthi atholelwe umsakazi omusha wesilisa ongekho ezimpini zabaculi azosakaza naye uSgiya Ngengoma noma alandwe eziteshini ezincane noma afakwe noBheka Mchunu.

Kungaba mnandi kakhulu ngoba siyabazi ukuthi kabathathi hlangothi kubaculi bakamaskan­di. Indaba kaTshatha ayisekho kuSgiya Ngengoma, ucheme noKhuzani. Usehluleki­le wukukufihl­a lokho.

Nanempakam­o asenayo usedelela ngisho abalandeli emoyeni.

Omunye umlandeli kaKhuzani uke wabhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi uTshatha akayi ndawo kuSgiya Ngengoma ngoba uxhumene kakhulu nompathi woKhozi FM, akulula ukuthi noma esephuma endleleni bamsole ngoba bayezwana kakhulu.

Engifisa udadewethu ophethe Ukhozi FM, uSbongi Ngcobo, akukhumbul­e wukuthi umlaleli nguyena obaluleke kakhulu kunomsakaz­i. Uma ezwakalisa isikhalo sakhe kuhle umsakazi asidlulise­le kwabakhulu, hhayi ukuthi umsakazi abhinqe umlaleli emoyeni njengale nto eyenziwa wuTshatha. Uma lolu hlelo selunikeze­lwe kubalandel­i baKhuzani noTshatha, Ukhozi aluphumele obala lusicacise­le.

Sizwe Ndlovu KWASJULA

 ??  ??
 ??  ?? KHATHIDE NGOBE
KHATHIDE NGOBE
 ??  ?? ZIMIPHI BIYELA
ZIMIPHI BIYELA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa