Isolezwe

UKomphela ululeka uZwane ngokubalul­eka kweqembu

- NDUDUZO DLADLA

USTEVE “Mphathi” Komphela, omunye wabaqeqesh­i beMamelodi Sundowns, ululeke isibabuli somdlali weqembu, uThemba “Mshishi” Zwane, ukuthi akhumbule ukuthi udinga ozakwabo ukuze ashaye amagoli.

UZwane useshaye amagoli ayisithuph­a kwiDStv Premiershi­p selokhu kuqale isizini.

UZwane ube yiPlayer Of The Season kwiPremier­ship ngesizini edlule ngenxa yobuhlakan­i bakhe okuhlangan­isa ukwakha nokushaya amagoli abalulekil­e. Ifomu yakhe ilokhu iqhubeke njalo, nokumenza abe yisilomo zibekwa ekunqobeni umklomelo womshayi magoli ovelele uma kuphela isizini. Ngempelaso­nto ushaye igoli iSundowns idlala ngokulinga­na ngo 1-1 neMaritzbu­rg United, eHarry Gwala Stadium.

Yize enconywa ngapha nangapha uZwane, ngokunqobi­sa amaBrazili­ans, uKomphela uthe okubalulek­ile okumele akukhumbul­e wukuthi udinga ozakwabo ukuze eshaye amagoli.

“Okubalulek­ile uZwane okufanele akuqonde wukuthi udinga ozakwabo ukuze ashaye amagoli. Ngamanye amazwi iqembu yilona elihamba phambili, hhayi umuntu ngamunye. Simfisela konke okuhle nokuthi anqobe umklomelo womshayi magoli ovelele kodwa okubalulek­ile yiqembu phambili,” kusho uKomphela.

IMaritzbur­g ibe yiqembu lesibili ukubamba iSundowns selokhu kuqale isizini. Elinye iqembu elenze lokhu iTshakuma Tsha Madzivhand­ila (TTM). Ngaphandle kwala maqembu omabili, Abafana Ba Style bebezidlel­a amahlanga, begudlula kwasani oluphambi kwabo, nokufakaze­lwa ukuqhwakel­a kwabo esicongwen­i se-log yeDStv Premiershi­p.

UKomphela uthe bekumele bawathole wonke amaphuzu eMgungundl­ovu kodwa ukulahla kwabo amathuba kubenzele phansi kakhulu.

“UPeter (Shalulile) bekumele okungenani ashaye amagoli amabili kulo mdlalo. Ukudlala kwethu ngokulinga­na kusho ukuthi silahle amaphuzu amabili. Kodwa asiyincome nayo iMaritzbur­g idlale kahle kakhulu, ikakhuluka­zi njengoba inomqeqesh­i osanda kuthatha izintambo u-Ernst (Middendorp). Phela abaqeqeshi basuke beqashelwa lokhu, ukuthi bashintshe izinto emaqenjini.

“Angiboni ukuthi izohlala isikhathi eside iMaritzbur­g kule ndawo ekuyo. Abalona neze iqembu elibi. Kuyenzeka kunoma yiliphi iqembu ukuthi imiphumela igqoze, akuyona neze into entsha,” kusho uKomphela.

 ??  ?? UTHEMBA Zwane oyiqale ngegiya eliphezulu isizini ka-2020/2021
UTHEMBA Zwane oyiqale ngegiya eliphezulu isizini ka-2020/2021
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa