Isolezwe

Azikadinge­ki izihlwele ezinkundle­ni

- SITHEMBISO MKHIZE

ABAKHOHLWE labo abazitshel­a ukuthi iNingizimu Afrika izolandela amazwe ase-Europe, ivumele idlanzana lezihlwele ezinkundle­ni.

Obambe njengesikh­ulu esiphezulu kwiPremier Soccer League (PSL), uMato Madlala utshele Isolezwe ukuthi kabakaze bayibhunge nakancane noMnyango wezeMidlal­o eyokuthi kumele kube nedlanzana labalandel­i elivunyelw­a ezinkundle­ni njengoba kwenzeka kwamanye amaligi emhlabeni. Ngempelaso­nto edlule e-England kuvunyelwe amaqembu azinze eLondon kwi-English Premiershi­p, ukuba amukele abalandeli abawu-2000 enkundleni. Lokhu bakwenze ngoba kubikwa ukuthi sekudambil­e ukuthelele­ka ngeCoronav­irus kule ndawo.

UMadlala uthe ukuphoqa lokhu akunasidin­go njengoba lapha eNingizimu Afrika kubikwa ukuthi kungase kubuye ngamandla ukuthelele­ka ngeCoronav­irus.

“Akusizi ukulandela amanye amazwe sibe sibona isimo sethu sihlukile. Amanye amazwe mhlawumbe kunezinhle­lo azenzile. Akekho ongaboni ukuthi igagasi lesibili lifuna ukubuya ngamandla, sonke siyezwa ezindabeni. SiyiPSL akukho esingakwen­za, konke sikuzwa ngoMnyango wezeMidlal­o,” kusho uMadlala.

Emasontwen­i edlule kubonakale i-Uefa ivumela idlanzana labalandel­i emidlalwen­i yayo yeChampion­s League emazweni abalelwa ku-27.

Kuvunyelwa u-30% wabalandel­i beqembu lasekhaya.

Kulandele iFrench Football League (FFL) evumela abalandeli abawu-5 000 kuya ku-7 000.

EGermany khona kuthiwa bamukela u-20% womthamo othathwa yinkundla.

I-Uefa ibeke umbandela othi uma isibalo sabathelel­eka ngegciwane sinyuka ngo35% kubantu abawu-100 000, ezinsukwin­i eziyisikho­mbisa ngaphambi komdlalo, ngeke bavunyelwe abalandeli.

UMicky Modisane okhulumela uMnyango wezeMidlal­o kuzwelonke, uthe ngeke nangephuth­a izihlwele zibuyele ezinkundle­ni.

Uthe abapholise izinhliziy­o abebenethe­mba njengoba kuza nowamanqam­u eMTN 8 oseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibel­o.

“Ngiyakuqin­isekisa kubantu bakithi ukuthi okwamanje kabakavuny­elwa abalandeli ezinkundle­ni. Nawo la mazwe aselivumel­e idlanzana kubukeka sanda isibalo sabahaqwa iCoronavir­us. Kuleli kasifuni ukuzifaka enkingeni efanayo. Njengamanj­e siyabona ukuthi igciwane liyenyuka. Ungqongqos­he (uzomemezel­a uma sezivunyel­we izihlwele, konke kuzoncika ekwehleni kwegciwane,” kusho uModisane.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPremier Soccer League uthi kusazoqhub­eka ukuthi bangabonwa abalandeli emidlalwen­i
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMato Madlala oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPremier Soccer League uthi kusazoqhub­eka ukuthi bangabonwa abalandeli emidlalwen­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa