IChiefs iqede ishobolo ngenqwaba yamagoli
IKAIZER Chiefs iqede ishobolo lokuhlulwa yiMamelodi Sundowns kwiDStv Diski Challenge ngesikhathi inqoba ngo 4-2 emdlalweni obuyizolo ntambama, eGiant Stadium, eSoshanguve, ePitoli.
Amagoli iChiefs enqobe ngawo kulo mdlalo abekwe enethini nguThabo Mokoena, Tshepo Mohlala, Kamohelo Hoala, noSabelo Radebe. Awokubika eSundowns ashaywe ngu-Ofentse Mashiane noCassius Mailula kanti kuyiwe ekhefini abafana baMakhosi behamba phambili ngo 2-1.
Abafana abancane bamaBrazilians, abaqeqeshwa nguSurprise Moriri, baye kulo mdlalo bebukeka beyizimvivilithi ekunqobeni kwazise bebengakaze behlulwe yiChiefs kwiDiski Challenge selokhu yasungulwa ngo-2014, bese beyishaye amahlandla ayisithupha.
Lo mdlalo obungenabalandeli ngenxa yobhubhane iCoronavirus, uqale ngegiya eliphezulu njengoba womabili amaqembu ebekhombisa ukuthi afuna ukunqoba kumnyama kubomvu.
Ngomzuzu ka-11 esiwombeni sokuqala iChiefs ithole igoli layo ngonyawo lukaMokoena othole ibhola ebelivela kuLebohang Sefako. Ngomzuzu ka-18, iChiefs ithole i-free kick egotshwe nguHappy Mashiane yahlangana nonyawo lukaMohlala okwenze kwaba ngu-2-0.
Ngemuva kwemizuzu embalwa, uMashiane weDowns uthole isipho sikaKhisimusi kunozinti weChiefs uLungelo Nkosi, ohlulekile wukubamba ibhola ebelikade liyikhona walivalela phakathi.
Ngaphandle kokwenza iphutha, uNkosi uyitakule kakhulu iChiefs njengoba ebevimba amabhola abeyingozi abeqhamuka neSundowns ikakhulukazi uJan Baloyi amgeze izikhathi ezimbalwa.
Esiwombeni sesibili iChiefs iqhubeke lapho kade igcine khona njengoba ithole igoli lesithathu lishaywa nguHoala othole ibhola ebeligotshwe nguMashiane. Umdlalo usuya emaphethelweni ngomzuzu ka-90, uMailula udonse inguzunga yeshodi engaphandle kwebhokisi yakhalakathela enethini wayizwa ngendaba uNkosi weChiefs. Ngemuva kwaleli goli lamaBrazillians, iChiefs ithole iphenathi edalwe nguKeegan Allan oyisitobha kwiDowns odlalise kabi uLesako ebhokisini, uRadebe ube eseyivalela phakathi. Lo mdlali waMakhosi uqokwe njengomdlali ovelele.
Imiphumela yemidlalo yeDStv Diski Challenge:
Chippa United 3-1 Black Leopards; SuperSport United 1-1 Orlando Pirates; Tshakhuma 0-1 Maritzburg United; Mamelodi Sundowns 2-4 Kaizer Chiefs.