Isolezwe

UMazinyo wembule isu lokutakula i-United

- NDUDUZO DLADLA

UMQEQESHI weMaritzbu­rg United u-Ernst “Mazinyo” Middendorp, uveza isikhali abona sizosusa iTeam Of Choice endaweni embi kwi-log yeDStv Premiershi­p.

EzikaMidde­ndorp zithole iphuzu lokuqala (ngemuva kwemidlalo eyisithuph­a), zidlala ngokulinga­na neMamelodi Sundowns ngo 1-1 ngempelaso­nto emdlalweni obuseHarry Gwala Stadium.

Igoli leSundowns lishaywe uThemba “Mshishi” Zwane ngesiwombe sokuqala, kwathi elokulinga­nisa leqembu lasekhaya lashaywa uKwanda Mngonyama ngesiwombe sesibili.

Lo mphumela ubusho ukuthi iTeam Of Choice ithola iphuzu layo lokuqala seloku kuqale isizini. Leli phuzu belingasho ukuthi leli qembu liyasuka emsileni kodwa belisho isiqalo sezinto ezinhle ngokusho kukaMidden­dorp.

“Luselude ukhalo. Ngeke izinto zishintshe njengamanj­e, zizothatha isikhathi,” uqale washo kanje uMiddedorp oxoshwe yiKaizer Chiefs ngesizini edlule emuva kokuhlulek­a ukunqoba isicoco seligi esehlale esicongwen­i se-log isikhathi esingangon­yaka.

Eqhubeka echaza lo mqeqeshi ube eseveza isikhali abona ukuthi sizobuyise­la iMaritzbur­g kwedume ngakho.

“Kunoma yiliphi iqembu njengomqeq­eshi ofika kulona, uqale ubheke uhlobo lwabadlali iqembu elinabo. Kawuvele nje udlale ibhola elithandwa nguwena. Ubheka uhlobo lwabadlali, bese uzama ukuthola izisombulu­lo sezinkinga ozozifica. Yilokho mina engikubona kusiza,” kusho uMiddendor­p othe akakungaba­zi ukuthi leli qembu lizobuyela ebholeni lalo.

Le nkulumo kaMazinyo mayelana nohlobo lwabadlali, uyisho ngesikhath­i iqembu lakhe elidala iChiefs lidonsa ngodizili izinto zingahambi neze kahle, ikakhuluka­zi kwiDStv Premiershi­p.

Phakathi kokugxekwa okutholwe uGavin Hunt selokhu kuqale isizini, ukuthi ngabe wehlulwa yini ukusebenzi­sa abadlali abafanayo nabakade besetshenz­iswa uMiddendor­p, athole nabo indawo yesibili kwiligi?

Le nkulumo kaMiddendo­rp, kubukeka sengathi iphendula ngqo, okumenze yena wakwazi ukwenza kahle naMakhosi, ngabadlali abafanayo.

Ebuzwa uMiddendor­p ukuthi uzoyenza yini iMaritzbur­g iphinde isatshwe, uthe: “Yebo kuzokwenze­ka. Kodwa ngeke kube manje ngoDisemba noma ngoJanuwar­i. Kuzothatha isikhathi.

“Kunabadlal­i abafikayo eqenjini abasadinga ukucathula, konke lokhu sizokwenza ngokubambi­sana, sakhe ngaphandle kokuxhamaz­ela”.

 ??  ?? U-ERNST Middendorp, umqeqeshi weMaritzbu­rg United, uthembisa ukuyisusa endaweni embi ehleli kuyona kwilog yeDStv Premiershi­p
U-ERNST Middendorp, umqeqeshi weMaritzbu­rg United, uthembisa ukuyisusa endaweni embi ehleli kuyona kwilog yeDStv Premiershi­p

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa