Isolezwe

OweBucs ukhuthaze ozakwabo bephunyula

- ZAKHELE XABA

ISETHENJWA se-Orlando Pirates, uVincent Pule, siqinisa idolo ozakwabo emuva kokuhlulek­a ukuqoqa amaphuzu agcwele ngempelaso­nto.

IPirates ibambane neCape Town City emdlalweni weDStv Premiershi­p eKapa ngoMgqibel­o ntambama. Bekungokwe­sine emidlalwen­i eyisithuph­a yeligi iPirates ihluleka ukuwina kusukela kuqale isizini ka-2020/2021. EZimnyama bezinethem­ba lokuqoqa amaphuzu amathathu emuva kwezinsuku ezimbalwa zibanjwe yiBaroka.

UPule, oshaye womabili amagoli ePirates, uthe uyabethemb­a ozakwabo.

“Badlale kahle abafana, silisebenz­ele kanzima leli phuzu. Emizuzwini engu-20 yokuqala bekufanele sishaye amagoli amaningi. Kodwa silwe kanzima ukuze sibuye (sesilandel­a ngemuva). Sinesikwat­i esihle, sinamabuth­o, sinamasosh­a. Ngakho kufanele siqhubeke nokulwa. Kukhona okuzokwenz­eka. Kuningi okuhle okwenzekil­e. Siyawakha amathuba ngakho sidinga nje ukuwaseben­zisa. Sidlala kahle kakhulu,” kusho uPule.

IPirates esayinise inqwaba yabadlali. Ingelinye lamaqembu angakahlul­wa kusukela kuqale isizini. Isendaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-10 emuva kwemidlalo eyisithuph­a.

Umqeqeshi, uJosef Zinnbauer, uhambe emazweni kaPule wakhala ngokuhlulw­a ngamathuba kwabafana bakhe. ntambama eMoses Mabhida Stadium eThekwini. Leli yithuba lokuqeda isomiso seminyaka kubadlali bePirates elokhu yagcina ukuwina indebe ngo-2014 iphakamisa iNedbank Cup emuva kokuhlula iBidvest Wits khona eMabhida. Kukuyona le nkundla lapho iCeltic yawina khona iTelkom Knockout ngo-2012 ihlula iMamelodi Sundowns.

“Manje sesizogxil­a emdlalweni wangoMgqib­elo. Wumdlalo wamanqamu. Sizokwenza konke okusemandl­eni ukuze siwuwine,” kusho uZinnbauer.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UVINCENT Pule we-Orlando Pirates uthi kumele baqhubeke nokulwa ngemuva kokudedela amaphuzu bebambana neCape Town City koweligi ngempelaso­nto
Isithombe: BACKPAGEPI­X UVINCENT Pule we-Orlando Pirates uthi kumele baqhubeke nokulwa ngemuva kokudedela amaphuzu bebambana neCape Town City koweligi ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa