Isolezwe

UHunt uxakwa wubuthuntu ebagadlini beZimpofan­a

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uGavin Hunt, uzwakala esephelelw­e ngamasu okuxazulul­a inkinga yokuhlulek­a ukushaya amagoli kwabadlali bakhe.

IChiefs idlulele esigabeni sokuqala somqhudelw­ano iCaf Champions League emuva kokuhlula iPWB Bamenda yaseCamero­on ngoMgqibel­o kowomlenze wesibili.

La maqembu adlale ngokulinga­na ngo 0-0. Nokho Amakhosi adlulela phambili ngenxa yokuthi awine ngo 1-0 wegoli lika-Erick Mathoho kowokuqala ekuhambeni ngesonto eledlule.

IChiefs izobhekana nePremiera de Augusto yaseAngola ngoDisemba 22 ekhaya kowomlenze wokuqala wokuhlunge­la ukungena esigabeni samaqoqo. Owomlenze wesibili uzoba sekuhamben­i ngoJanuwar­i 6.

UHunt uthe nakuba bedlulele phambili kwiChampio­ns League kodwa akakaze akubone ukugejwa kwamagoli okungaka. IChiefs ihluleke wukushaya igoli phezu kokuba idlale neBamenda etheleke kuleli ngosuku lomdlalo.

“Ngiphoxeki­le ngalo mdlalo. Asikwazi ukugeja amathuba angaka phambi kwamapali. Angicabang­i ukuthi eminyakeni engu-30 ngiqeqesha, ngake ngayibona into enjena. Kuyaphoxa kodwa obekubalul­eke kakhulu wukudlulel­a phambili. Kusobala ukuthi kungani abagadli bethu bengawasha­yi amagoli. Asiwaseben­zisi amathuba,” kusho uHunt.

Kusukela kuqale isizini 2020/2021, iChiefs inenkinga yokushaya amagoli. Abagadli abathenjiw­e okukhona kubona uKhama Billiat, Bernard Parker, Lebogang Manyama bawuzwa ngendaba umsindo wenethi. ULeonardo Castro usashaye amagoli amabili kuphela nokwenzeke bebhekene neLamontvi­lle Golden Arrows emdlalweni ophele ngo 2-2.

“Ngamathuba esiwakhile esiwombeni sokuqala besingasha­ya angazi amagoli amangakhi. Esiwombeni sesibili kwenzeke okufanayo. Kufanele sishaye amagoli okuyinto esingayenz­i. Kuyinkinga lokho selokhu kuqale isizini. Awukwazi ukujabulel­a ukuthi awungenelw­a ngamagoli uma ungawashay­i. Asingenelw­anga goli ekhaya nasekuhamb­eni kodwa laba bantu basemuva kabi ngokwezing­a lePSL. Ngakho kufanele senze okungcono.

“Bayizikhon­dlakhondla kunalaba esijwayele ukudlala nabo kodwa sibavule kaningi ekhaya nasekuhamb­eni,” kusho uHunt.

Kusasa, uHunt uzolindela okungcono kubagadli bakhe uma iChiefs isibhekene neBlack Leopards emdlalweni weDStv Premiershi­p eFNB Stadium ngo-7.30 ebusuku.

Khonamanja­lo; iBloemfont­ein Celyic edlala kwiCaf Confederat­ion Cup idlulele esigabeni esilandela­yo sokuhlunge­la amaqoqo ngemuva kokunqoba iManiema Union ngo 3-2 kumaphenat­hi.

Umdlalo womlenze wesibili ubunqotshw­e yizivakash­i ngo 2-0 ekubeni neCeltic yawina ngalo mphumela ekuhambeni ngesonto eledlule. Lokhu kuphoqe ukuthi kuyiwe emaphenath­ini.

 ??  ?? UGAVIN Hunt
UGAVIN Hunt

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa