Isolezwe

Azoqala ngoJulayi ama-Idols SA

- NOKUBONGWA PHENYANE

NGEKE zibe khona izinguquko ezinqala ohlelweni lomculo lakuleli, iSouth African Idols, isizini yesi-17, ezoqala ukukhonjis­wa ngoJulayi.

Yize inhlolokho­no yalolu hlelo yenziwe ngobuchwep­heshe besimanje (online), ngenxa yegciwane iCovid-19, kodwa konke uma sekukhonji­swa kuthelevis­hini kuzobonaka­la njengenjwa­yelo.

Amajaji alolu hlelo, u-Unathi, uSomizi nomethuli walo, uProverb, bebelokhu beveza ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi bamatasa nezinhlelo zalo.

Inhlolokho­no yalo yaqala ngoFebhuwa­ri walo nyaka.

Umthombo weSolezwe, osethimben­i eliqopha lolu hlelo, uveze ukuthi manje kumataswa kuqoshwa isigaba esaziwa ngeTop16.

“Akukhona okokuqala abantu bebuza ukuthi ngabe kuzoba khona ushintsho yini kwisizini yalo nyaka ngenxa yokuthi akuhanjwan­ga madolobha ahlukene kwenziwa inhlolokho­no, kodwa abantu mabakhulul­eke njengoba konke kuzovezwa ngendlela ejwayeleki­le nebekwenzi­wa ngayo kumasizini adlule. Sekuhambe ibanga elide impela ukuqopha lolu hlelo njengoba ophrojusa balo bebephuthu­ma ngenxa yokuthi bebengazi ukuthi yini ezokwenzek­a uma sekuba khona ushintsho egciwaneni iCovid-19, okungabaph­oqa ukuthi bame ukuqopha,” kuchaza umthombo.

Uveze ukuthi lena ngenye yamasizini abophele ithalente eliyisiman­ga njengoba abantu bezoyijabu­lela intsha eqhamuka ezifundazw­eni ezobonakal­a kulolu hlelo.

U-Irvin Pooe weMzansi Magic ukuqinisek­isile ukuthi isizini yesi-17 izoqala ngoJulayi.

“Ngeke sande ngamaningi ngokuthi manje kwenzekani kodwa lona impela luyaqoshwa futhi abantu mabalindel­e okuningi okuzobaman­gaza,” kuchaza u-Irvin.

Akaphumela­nga obala ngokuthi yiziphi izinhlelo ezintsha abaziseben­zisile ukuqopha uhlelo ngendlela ejwayeleki­le.

Uthe amajaji uSomizi, Unathi noRandall Abrahams babuyile kulolu hlelo olusazoqhu­beka lwethulwe nguProverb.

 ?? Isithombe:
TWITTER ?? SEKUPHAKAT­HI ukuqoshwa kohlelo lomculo lakuleli, iS.A Idols, njengoba lesi kungesinye sezithombe ezifakwe nguProveb nozakwabo eveza ukuthi bamatasa nalo
Isithombe: TWITTER SEKUPHAKAT­HI ukuqoshwa kohlelo lomculo lakuleli, iS.A Idols, njengoba lesi kungesinye sezithombe ezifakwe nguProveb nozakwabo eveza ukuthi bamatasa nalo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa