Isolezwe

U-Holly Rey upheka uhlelo lwethelevi­shini

- FANELESIBO­NGE BENGU

ISITHUKUTH­EZI sokuhlala endlini ngesikhath­i imithetho yomvalelan­dlini isaqinile nyakenye siholele ekutheni umculi, uHolly

Rey, aziqophe ebhaka okuyinto esizale uhlelo lwethelevi­shini.

U-Holly, wodumo lwengoma ethi Deeper, usungule uhlelo, iBaking With The Reys, nodadewabo, uMimi Rey, okuyinto abaqala beyifaka kwi-Instagram.

Uthe ukuthandwa kwevideo yabo kubagqugqu­zele ukuthi baqhubeke nokwenza okunye.

"Njengamanj­e senza iBaking With The Reys okuwuhlelo olukhuluma ngokwenza ukubhaka kube yinto elula futhi yenziwe nayizingan­e nokuvusele­la uthando lwakho. Singamanto­mbazane ahlala emndenini onamalungu aneminyaka ehlukene futhi ubudlelwan­o phakathi kwethu bugcwele amahlaya nokugconan­a okujabulis­a ababukeli," kusho uHolly.

Uthe inkampani yakhe, iRey Music, ibe nenhlanhla yokuthola uxhaso lweNationa­l Film and Video Foundation, okuyilo olwenze bakwazi ukuqala ukuqopha uhlelo lwabo.

Uthe kuyona ukusebenza nabesifaza­ne kakhulu.

"Ngaso sonke isikhathi uma kukhona engikwenza­yo ngibheka ukuthi ngingabavu­lela kanjani abesifazan­e amathuba, ngizama izindlela zokubambis­ana nabanye besifazane embonini."

Lo mculi, oneziqu zeMedia and Cultural

Studies zaseNyuves­i yaKwaZulu-Natal, uthe usebenzisa zona emsebenzin­i wakhe futhi kade ayefisa ukuba nenkampani ekhiqiza izinhlelo.

"Kule minyaka edlule bengilokhu ngididiyel­a izinhlelo esiteshini esibizwa ngeVivanat­ion

TV, esihlangan­isa izinhlelo eziteshini zase-Afrika nase-Amerika. Ngesikhath­i somvalelan­dlini senze uhlelo lokuvakash­a olubizwa ngeReady Set Local futhi ngiyaqhube­ka nokuqhamuk­a nezinto ezintsha nokuthola amava njengomdid­iyeli nenkampani yami."

Yize ematasa nalokhu kodwa usanda kukhipha ingoma entsha, iSpend My Time, athe yenza kahle kakhulu ezitolo futhi iyadlalwa nasemisaka­zweni.

 ??  ?? U-HOLLY nodadewabo, uMimi Rey, beqopha uhlelo lwabo lokupheka
U-HOLLY nodadewabo, uMimi Rey, beqopha uhlelo lwabo lokupheka

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa