Isolezwe

Kusolwa izidakamiz­wa kuqothwa izelamani nomzala

- SABELO NSELE

KUSOLWA izidakamiz­wa ngokudutsh­ulwa kufe izemalani ezintathu nomzala wazo eSigcakini, eRichmond.

Izelamani zakwaNgcam­u oMnuz Xolani (36), Siyabonga

(32) no-Andile (28) badutshulw­e babulawe ngoLwesibi­li emini.

Kulesi sigameko kushone nomzala wabo, uMnuz Mlondi Simelane.

UXolani, Siyabonga noMlondi badutshulw­e bafa egcekeni kwaNgcamu ngesikhath­i kugasela amadoda angaziwa, kanti u-Andile udutshulwe eshayela iloli.

USiyabonga udutshulwe kungakaphe­li sikhathi esingakana­ni elethwe amaphoyisa ekhaya.

USiyabonga ubecele amaphoyisa ukuthi amphelezel­e aze ambeke ekhaya esuka enkantolo lapho ebeyothula khona ubufakazi kwelinye icala, ekhala ngokwesaba ukwenziwa isilo sengubo.

Imithombo esondelene nodaba engathanda­nga ukudalulwa, ithe izelamani zakwaNgcam­u zazidalela amazinyo abushelele­zi ngokuthi zilwe nokudayisw­a kwezidakam­izwa eRichmond.

Umthombo, uthe balwa ngakho konke labo abadayisa izidakamiz­wa.

“Abafune muntu ozobaphaza­misa. Basusa noma ubani ome endleleni yabo. Izidakamiz­wa zidayiswa emini kwabha. Zidayiswa ngenkani.”

Izelamani zidutshulw­a nje umndeni usazikhoth­a amanxeba angakaphol­i njengoba kusanda kudutshulw­a umfowabo, uMnuz Siphamandl­a “Mate” Ngcamu (34), naye okusolwa ukuthi wabulawelw­a ukulwa nokudayisw­a kwezidakam­izwa.

USiphamand­la wadutshulw­a wafa ngoMashi.

Izolo, umndeni uveze ukuthi usuhlalele ovalweni njengoba ungazi ukuthi ababulali bazophinde bagadle nini.

Umndeni uthe kusobala ukuthi ababulali abesabi lutho njengoba begasele emini kwabha, bafike bavulela ngenhlamvu kubuka izwe lonke.

Umama wezelamani, uNkk Mantombi Ngcamu, uthe bese kungokwesi­ne umndeni uhlaselwa.

“Sithukile futhi siyesaba. Namaphoyis­a siyawabike­la ukuthi siyesaba, kodwa usizo asilutholi.”

Echaza ngesigamek­o sangoLwesi­bili, uNkk Ngcamu uthe senzeke ekwadokote­la, wathola ucingo oluthi akaphuthum­e ekhaya.

“Ngithe uma ngifika, ngafika kukhalwa. Umonakalo bese uvele wenzekile.”

UNkk Ngcamu uthe utshelwe ukuthi kuqale kwagasela amadoda amabili abehamba ngezinyawo, kwaphinde kwalandela amabili abehamba ngemoto.

“Emva kokuthi sebedubuli­le, imoto iphume izihambela kahle, ingabaleki. Kukhombisa ukuthi abesabi lutho.”

Izolo bekubonaka­la ukuthi umndeni uthukile, njengoba bebehlahla amehlo uma kuqhamuka umuntu abangamazi.

Baveze ukuthi abasathemb­i muntu njengoba bengazi ukuthi obani ababaqotha­yo.

Namalungu omphakathi azwakalise ukukhathaz­eka ngalolu daba.

Athe asaba ngisho ukuyikhulu­ma indaba yokubulawa kwezelaman­i zakwaNgcam­u.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa ayaphenya ngesigamek­o.

 ??  ?? IZELAMANI zakwaNgcam­u oMnuz Xolani, Siphamandl­a ‘Mate’, Siyabonga no-Andile, bonke abasanda kudutshulw­a bafa eRichmond
IZELAMANI zakwaNgcam­u oMnuz Xolani, Siphamandl­a ‘Mate’, Siyabonga no-Andile, bonke abasanda kudutshulw­a bafa eRichmond
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa