Isolezwe

Kubulawe usomatekis­i engena kwakhe

- SIMPHIWE NGUBANE

UDUTSHULEL­WE kwakhe esemotweni washona usomatekis­i kasoseshin­i wamatekisi eWaterloo, eVerulam, ngoLwesibi­li ebusuku.

Usomatekis­i, obaziwa ngokuthi uGumbi (49), udutshulwe amahlandla amathathu, kabili engalweni yakwesokud­la nasesifube­ni.

Kuthiwa ubesanda kupaka iToyota Corolla abehamba ngayo kwaqhamuka owesilisa omdubule amahlandla ayisithuph­a ebhekise kuye.

Usihlalo wamatekisi eWaterloo, ozibize ngoShandu kodwa wangathand­a negama lakhe, ukuqinisek­isile ukuthi obulewe wuGumbi futhi ubesemboni­ni yamatekisi.

UShandu uthe akanalo ulwazi oluphelele mayelana nalesi sehlakalo.

“Kulukhuni ukuchaza ukuthi ukudutshul­wa kukamufi kuhlobene nemboni yamatekisi noma cha.

“Asazi ukuthi udutshulwe ngubani futhi bekwenzenj­ani. Ngingathi ngiyachaza kanti sengisho okungekhon­a,” kusho uShandu.

Uthe ngabaseshi okumele baphenye imbangela mayelana nalesi sigameko.

UMnuz Prem Balram, ongumkhulu­meli wenkampani yonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa), uthe bafike bathola amagobolon­do ayisithuph­a esibhamu i-9mm endaweni yesehlo.

“Sibikelwe ngabazibon­ele ukuthi umufi ubepaka imoto yakhe kwakhe, engakehli, kwaqhamuka owesilisa wamdubula ngezinhlam­vu eziyisithu­pha. Kusolakala ukuthi lesi sigameko sihlobene nemboni yamatekisi nakuba lokhu kungaqinis­ekisiwe,” kusho uBalram.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokubulala eliphenywa ngamaphoyi­sa asesiteshi­ni eVerulam.

UCol Mbele uthe kusolakala ukuthi ngabo6.30 ngoLwesibi­li ntambama kudutshulw­e owesilisa ngabasolwa abangaziwa ngesikhath­i ehleli emotweni yakhe emzini osemgwaqwe­ni, uNkululeko, eWaterloo.

Uthe umufi ubenamanxe­ba okudutshul­wa emzimbeni kanti uhlonzwe njengoshon­ele endaweni yesigameko.

 ??  ??
 ??  ?? UPHELELE emotweni usomatekis­i odutshulwe ngabantu abangaziwa eWaterloo, eVerulam, ngoLwesibi­li ebusuku
UPHELELE emotweni usomatekis­i odutshulwe ngabantu abangaziwa eWaterloo, eVerulam, ngoLwesibi­li ebusuku
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa