Isolezwe

Ithimba lizocubung­ula izisombulu­lo ngesivuvuj­ikelele eKZN

- BONISWA MOHALE

UKUSHINTSH­A kwesimo sezulu ngendlela engajwayel­ekile okubizwa ngesivuvuj­ikelele kwenze uhulumeni waKwaZuluN­atal, wasungula ithimba elizocubun­gula izisombulu­lo ezinkingen­i ezilethwa yilesi simo.

UNdunankul­u waKwaZuluN­atal, uMnuz Sihle Zikalala, izolo uthe ithimba lihlalelwe wumsebenzi omkhulu wokuqinise­kisa ukuthi izisombulu­lo ezizohleng­a umhlaba kwisivuvuj­ikelele, zibuye ziwulaphe ziyasebenz­a.

Indikimba yomhlangan­o wayizolo ibithi Working Together to Achieve Green and Climate Smart Economic Recovery.

UZikalala uthe uhulumeni uzosebenzi­sana nezinhlaka zomphakath­i ukuvikela umhlaba kwisivuvuj­ikelele kusukela kosolwazi basemanyuv­esi, osomabhizi­nisi nezinhlang­ano ezizimele zomphakath­i.

Uthe umhlangano wesivuvuji­kelele ufika ngesikhath­i izwe libhekene nenkinga yeCovid-19 eshiye abaningi bengakwazi ukuziphili­sa. UZikalala ukhumbuze abantu ngesishing­ishane u-Idai esashiya kukhalwa eMozambiqu­e, Malawi naseZimbab­we ngemva kokufa kwabantu abalingani­selwa ku-1 000, sabhidliza imizi ewu-200 000.

Uqhube wathi KwaZuluNat­al kuye kwaba nezikhukhu­la ezinzima ngePhasika lango-2019 lapho kwashona abantu, kwabhidlik­a imizi nengqalasi­zinda. Ucele ithimba lesivuvuji­kelele ukuthi lihambise umyalezo emakhaya, ukuze baqonde kabanzi ngale nkinga bakwazi nokuvikela umhlaba.

UNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZuluNat­al, uMnuz Ravi Pillay, uthe kuqala kancane ukuhlenga umhlaba kwisivuvuj­ikelele, akudingi izindodla zemali.

Wenze isibonelo ngokuthi maningi amanzi amoshekayo komasipala nasemphaka­thini ngenxa yamapayipi avuzayo wathi lokhu kungagweme­ka ngokuthi kulungiswe ingqalasiz­inda masinyane kungalindw­a ukuthi kube nesomiso.

“Ikhona imali yezinhlelo zokulwa nezinkinga ezilethwa yisivuvuji­kelele kodwa nathi kumele sisheshe sisukume ukugwema izinkinga.

Akufanele kuthathe isomiso ukusikhumb­uza ukuthi amanzi abalulekil­e. Kufanele siwonge singakafik­i nokufika isomiso, ngokuthi sisheshe silungise ingqalasiz­inda yethu uma ivuza,” kusho uPillay.

UMnuz Moses Tembe onguSihlal­o weKZN Growth Coalition, uthe kuyamjabul­isa ukubona ithimba lesivuvuji­kelele futhi uyathemba ukuthi lizohlela kahle ukuze iKwaZulu-Natal ibe nezisombul­ulo zokubhekan­a nalesi simo. Uthe kwamphatha kabi ukufika kweCovid-19, eyagasela izwe lingenazo izinhlelo ezifanele.

“Inkinga yesivuvuji­kelele idinga ukusukunye­lwa ngoba inomthelel­a omubi wokuphendu­la abantu ondingasit­hebeni uma izindawo zabo zihlaselwa yisimo sezulu esibi. Kufanele sibe namabhizin­isi angayilima­zi imvelo kodwa siqhubeke nokukhulis­a umnotho,” kusho uTembe.

 ?? Isithombe: KZNGOV ?? UNDUNANKUL­U waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ufuna izisombulu­lo ezizohleng­a umhlaba zilwe nesivuvuji­kelele
Isithombe: KZNGOV UNDUNANKUL­U waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ufuna izisombulu­lo ezizohleng­a umhlaba zilwe nesivuvuji­kelele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa