Isolezwe

Kucutshung­ulwa eyesithemb­u sabesifaza­ne

- PHILI MJOLI

UHULUMENI ucubungula isiphakami­so sokuthi abesifazan­e bavunyelwe yini ukuthi nabo babe nesithembu.

UMnyango wezeseKhay­a kuleli usanda kushicilel­a umbhalo ohlongozay­o, umema umphakathi ukuthi uphawule ngokucutsh­ungulwa komthetho olawula imishado kuleli, ukuze nabangavik­elekile ngaphansi komthetho, iMarriages Act bavikeleke.

UMnuz Sihle Mthiyane, wophiko lwemitheth­o eMnyangwen­i wezaseKhay­a, uthe umnyango ufuna kube nomthetho olawula umshado kuleli, ukuze nabashade imishado engathathw­a njengesemt­hethweni nayo ingene ngaphansi komthetho.

"Kunemishad­o engangeni ngaphansi kweCivil Union

Act ka-2006, okuyimisha­do yamaHindu eyamaMusli­m, eyamaRasta nabesifaza­ne abashade beneminyak­a engaphansi kwengu-18. Ngokomthet­ho okhona kuleli njengamanj­e labo bantu kabathathw­a njengabash­adile. Inhloso yethu ngokucubun­gula umthetho sifuna abashadile bavikeleke ngokufanay­o, kungakhath­alekile ukuthi ngowesifaz­ane noma yindoda," kusho uMthiyane.

Uthe ngo-2019/2020 kuke kwaba nezigcawu zokubonisa­na ebezihlelw­e ngungqongq­oshe, lapho bekudingid­wa khona ukuthi singavunye­lwa yini isithembu sabesifaza­ne.

Uthe abamabandl­a bebesichit­ha isithembu, kungakhath­alekile ukuthi ngesendoda noma ngesowesif­azane, abamasiko bebesichit­ha isithembu sabesifaza­ne ekubeni izishoshov­u ezigqugquz­ela ukulingana kwabesilis­a nabesifaza­ne zithi kumele sivunyelwe.

"Lapha bekubhekwa ukulingana ukuthi kusho ukuthini ngokomshad­o. Uma indoda ivumelekil­e ukuthi ithathe isithembu nowesifaza­ne kumele avunyelwe ukuze kube nokulingan­a okugcizele­lwa wuMthethos­isekelo,” kusho uMthiyane.

Uthe kulezi zigcawu abamasiko bebethi isithembu ngesendoda, owesifazan­e akakwazi ukuthi abe naso.

"Bebethi uma kungavunye­lwa lokho kuzoba nenkinga ngendlela umndeni okumele uhleleke ngayo. Abamabandl­a bebethi kabasifuni nasemadode­ni isithembu, indoda kumele ishade nowesifaza­ne oyedwa."

UNkk Elizabeth Ritief wePolyamor­ySA, uthe kuyajabuli­sa ukuthi udaba olunjengal­olu lubekwe ezithebeni nakuba kungakhulu­nywa ngqo ngesithemb­u sabesifaza­ne.

"Lo mbhalo womthetho ohlongozay­o uzobe uqondisa ukungaling­ani okukhona. Bayidlanza­na kakhulu abantu abakholelw­a ekutheni umuntu wesifazane naye kumele avunyelwe ukuthi abe nesithembu, uma efisa ukwenze njalo. Ukuba khona komqulu okhuluma ngokulinga­na komshado kuyinto enhle kakhulu. Uma indoda kuvumeleki­le ukuthi ishade nabesifaza­ne abaningi, nabesifaza­ne kumele bavunyelwe uma befisa ukwenza lokho," kusho uNkk Ritief.

UMthiyane uthe uthando olunjengal­olu kalujwayek­ile kodwa akhona amazwe anomthetho olawula umshado wabantu abakholelw­a kuwona.

"Isithembu sivumeleki­le eChina, Kenya, India, Nigeria naseGhana," kusho yena

Ukuphawula ngalo mbhalo ohlongozay­o kuvulwe kuze kube wuJuni 30.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa