Isolezwe

Akukho holidi ezikoleni ngosuku lomenyuko

- MHLENGI SHANGASE

SEKUQUBUKE indida kwabanye abazali bezingane ezitshelwe ukuthi zingayi namhlanje ezikoleni KwaZulu-Natal, ngoba zizobe zivaliwe.

Kuthiwa yingoba kuzobe kuwusuku lomenyuko ngakho abafundi abangayi ezikoleni baze beze kusasa.

Omunye umzali wengane efunda kwesinye sezikole eMlaza ocele ukungadalu­lwa, uthe bathole incwadi evela esikoleni ibazisa ukuthi izingane zingayi namhlanje ngoba kuzobe kungafundw­a ngenxa yokuthi usuku lomenyuko.

Uthe lokhu kumdidile ngoba bazi ukuthi alikho iholidi ngakho kusho ukuthi isikole siyazenzel­a iholidi laso.

“Kungididil­e ukuthi ingane yami kuthiwe ayingezi ngoba kuwusuku lomenyuko. Kuthiwe ayize ngoLwesihl­anu lapho kuzobe sekukhishw­a namaripoti ekota yokuqala yonyaka,” kusho umzali.

Omunye umzali wengane efunda kwesinye sezikole esasaziwa ngeModel C ePinetown, naye ocele ukungavezw­a, uthe ekuqaleni kwesonto bathole izincwadi ebezithi izingane zabo zingezi ezikoleni.

Uthe kodwa izolo kufike esinye isigijimi sesicacisa ukuthi abafundi abeze ngoba kuzobe kufundwa.

“Kuyaxaka ukuthi sithole okunye, gwiqiqi sekuyashin­tshwa futhi kuthiwe izingane azize. Omalume abalanda izingane abafuni ukuyizwa eyokuhambi­sa izingane zethu ngoba bathi akufundwa ezikoleni eziningi ngoba usuku lomenyuko,” kusho lo mzali.

UMnuz Kwazi Mthethwa okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uthe ngoMeyi lilodwa kuphela iholidi, uSuku lwaBaseben­zi uMeyi 1.

Uthe ngaphandle kwaleli holidi alikho elinye elinikwe izikole noma abafundi.

“Uzokhumbul­a ukuthi iCovid-19 ibambezele ukuqala kokufunda cishe ngamasonto amabili. Manje sisilele emuva ngezifundo, asikwazi ukuthi singaba nosuku olulahleka­yo kungafundw­a ekubeni singekho isizathu esibambeka­yo.

“Silindele ukuthi kufundwe ngokujwaye­lekile ezikoleni zesifundaz­we. Uma kukhona isikole esivaliwe sekuyomele uthishanhl­oko achaze kabanzi ukuthi imvume yokwenza lokho uyithathep­hi,” kusho uMthethwa.

Uthe nabo bazobe besebenza emcimbini oseMajuba lapho uNgqongqos­he walo mnyango uMnuz Kwazi Mshengu, ezobe ekhipha khona ama-tablet okuwumkhan­kaso abawenza neMTN.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa