Alikahoxiswa icala ngefa leSilo
ALIKAHOXISWA icala eliphonsela inselelo ifa leSilo esisanda kubuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu. Lokhu kudalulwe ngokhulumela abaphonsa inselelo ngefa likaMdlokombane, uNksz Lynette Ntuli, emuva kokusabalala kwamahlebezi okuthi lawa macala asehoxisiwe. Icala lokuqala lafakwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu wundlunkulu waKwaKhethomthandayo, uSibongile Dlamini Zulu, undlunkulu owashadwa kuqala yiNgonyama esikhotheme. Undlunkulu ufuna ukuba athole ingxenye yamafa kaBhejane njengoba ethi umshado wabo uhlanganisa amafa.
Elesibili icala lafakwa ngabantwana baKwaKhethomthandayo, uNtandoyenkosi noNtombizosuthu, enkantolo efanayo. Abantwana bafuna kuchithwe ukuqokwa kweNdlovukazi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, njengebamba bukhosi ngoba basola ukuthi kukokoteliwe ukusayina kukaMdlokombane encwadini yefa.
La macala kwakufanele alalelwe ngosuku lwenkonzo yesikhumbuzo sendlovukazi, eyayibanjwe ngemuva kokutshalwa kwayo okwenzeka ezintathakusa.
Echaza uNksz Ntuli, uthe njengoba kwase kuguqe indlovukazi futhi kuwusuku lwenkonzo yesikhumbuzo, kwaphoqa ukuthi lolu daba lukhishwe ohlwini lwamacala ayezolalelwa yinkantolo. Kepha uthe lokhu akuchazi ukuthi la macala asehoxisiwe.
“La macala asekhona enkantolo futhi azolalelwa maduze. Bonke abathintekayo bayaqhubeka nokwaziswa ukuthi icala selikusiphi isigaba, ” kuchaza uNksz Ntuli.
UNksz Ntuli ukuchithile ukuthi amacala adala uqhekeko endlunkulu. Uthe abakufunayo ukuba kulandelwe imithetho esetshenziswayo uma kuqokwa iSilo.
“Kula macala asenkantolo kubekwa kucace ukuthi uma kulandelwe yonke imigudu efanele, kwenziwa izinto ngendlela, sonke siyomeseka ozongena esihlalweni sobukhosi. Njengamanje imithetho ayizange ilandelwe ngesikhathi kuqokwa, lo oqokiwe.
“Sinxusa ukuba leli cala lingasetshenziswa ukuba kudalwe uqhekeko endlunkulu noma kucekelwe phansi isithunzi sendlunkulu.”