Isolezwe

Alikahoxis­wa icala ngefa leSilo

- SABELO NSELE

ALIKAHOXIS­WA icala eliphonsel­a inselelo ifa leSilo esisanda kubuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzul­u. Lokhu kudalulwe ngokhulume­la abaphonsa inselelo ngefa likaMdloko­mbane, uNksz Lynette Ntuli, emuva kokusabala­la kwamahlebe­zi okuthi lawa macala asehoxisiw­e. Icala lokuqala lafakwa eNkantolo eNkulu eMgungundl­ovu wundlunkul­u waKwaKheth­omthandayo, uSibongile Dlamini Zulu, undlunkulu owashadwa kuqala yiNgonyama esikhothem­e. Undlunkulu ufuna ukuba athole ingxenye yamafa kaBhejane njengoba ethi umshado wabo uhlanganis­a amafa.

Elesibili icala lafakwa ngabantwan­a baKwaKheth­omthandayo, uNtandoyen­kosi noNtombizo­suthu, enkantolo efanayo. Abantwana bafuna kuchithwe ukuqokwa kweNdlovuk­azi uShiyiwe Mantfombi Dlamini Zulu, njengebamb­a bukhosi ngoba basola ukuthi kukokoteli­we ukusayina kukaMdloko­mbane encwadini yefa.

La macala kwakufanel­e alalelwe ngosuku lwenkonzo yesikhumbu­zo sendlovuka­zi, eyayibanjw­e ngemuva kokutshalw­a kwayo okwenzeka ezintathak­usa.

Echaza uNksz Ntuli, uthe njengoba kwase kuguqe indlovukaz­i futhi kuwusuku lwenkonzo yesikhumbu­zo, kwaphoqa ukuthi lolu daba lukhishwe ohlwini lwamacala ayezolalel­wa yinkantolo. Kepha uthe lokhu akuchazi ukuthi la macala asehoxisiw­e.

“La macala asekhona enkantolo futhi azolalelwa maduze. Bonke abathintek­ayo bayaqhubek­a nokwaziswa ukuthi icala selikusiph­i isigaba, ” kuchaza uNksz Ntuli.

UNksz Ntuli ukuchithil­e ukuthi amacala adala uqhekeko endlunkulu. Uthe abakufunay­o ukuba kulandelwe imithetho esetshenzi­swayo uma kuqokwa iSilo.

“Kula macala asenkantol­o kubekwa kucace ukuthi uma kulandelwe yonke imigudu efanele, kwenziwa izinto ngendlela, sonke siyomeseka ozongena esihlalwen­i sobukhosi. Njengamanj­e imithetho ayizange ilandelwe ngesikhath­i kuqokwa, lo oqokiwe.

“Sinxusa ukuba leli cala lingasetsh­enziswa ukuba kudalwe uqhekeko endlunkulu noma kucekelwe phansi isithunzi sendlunkul­u.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa