Isolezwe

Kushone isalukazi kusha umuzi

- MBALI KHANYILE

UPHITHENE amakhanda umndeni waseCheste­rville oshonelwe ngugogo, okubikwa ukuthi ushiswe wumlilo okungaziwa ukuthi udalwe yini, ngoLwesibi­li ekuseni.

Kuthiwa kulo muzi womndeni wakwaMuthw­a bekunomufi, uNkk Siyasenkan­i Muthwa (86), abazukulu nesizukulw­ane sakhe ngesikhath­i kugqamuka umlilo egunjini lokulala.

Izingane zabazukulu bakhe, kuthiwa ziphume zabaleka egunjini ebezikulo.

Kuthiwa zifike emnyango zatshela unina noninalume ngomlilo obusegunji­ni obekulele kulo ugogo.

Kubikwa ukuthi unina noninalume wengane bajike ephaseji lendlu bebona umlilo, abazange besakwazi ukukhipha ugogo ngenxa yelangabi.

Kubikwa ukuthi kulamule ukufika kwamalungu omphakathi azame ukucima umlilo ngamanzi kusetshenz­iswa ibhakede.

Abezicisha­mlilo kuthiwe bafike ilangabi lomlilo selidambil­e.

Ugogo uphuthunyi­swe esibhedlel­a iKing Edward.

Indodakazi kamufi, uNkk Sphiwe Ndlovu, ebisetohwe­ni ngesikhath­i kwenzeka isigameko, ithe izwe isithintwa ngomakhelw­ane beyazisa ngesehlaka­lo.

“Ngibuye ekhaya sekonakele kakhulu. Akukho nokukodwa abakwazile ukukukhiph­a endlini ngenxa yomlilo, okuthiwa wubunamand­la kakhulu. Sisele nesikugqok­ile nje kuphela njengoba ngikhuluma nawe. Kubuhlungu emoyeni njengoba sesithole nezindaba ezithi umama usesishiyi­le emhlabeni.”

Ithe babamba bayayeka kumanje, kabazi ukuthi kumele bagxile kuphi njengoba zonke izinto zimapeketw­ane.

“Siphithene amakhanda ngoba kumele sithole indlela esingasiza­kala ngayo njengoba kushe yonke impahla yethu. Sekufanele sihlele umngcwabo-ke manje,” kubeka uNkk Ndlovu.

Ikhansela lendawo, uMnuz Mveli Mthembu, lithe udaba lwalo mndeni seludlulis­elwe ophikweni lwezinhlek­elele.

“Sesilinde ukuthi abethimba lezinhleke­lele balethele lo mndeni ukudla nezingubo zokulala.

Uphiko lwezezindl­u nalo bese lubikeliwe,” kubeka uMthembu.

Okhulumela abezicisha­mlilo, uMnuz Nkulumo Dube, uthe ithimba labo lifike kunezimpah­la ezimbalwa ezikhishwe emzini walo mndeni.

Uthe umlilo ubusuthe ukwehla njengoba bese kusha amagumbi amabili kuphela.

Kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela amaphoyisa engakaphen­duli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa