Isolezwe

Bashayekil­e onesi ngenxa yeCovid-19

- PHILI MJOLI

ABAHLENGIK­AZI benza umsebenzi obaluleke kakhulu esizweni kodwa uma kumele babhekelel­we ngokwamaho­lo, nangezinsi­za zokubaphep­hisa, abanakwa.

UMengameli weDemocrat­ic Nursing Organisati­on of SA (Denosa), uMnuz Simon Hlungwani, uthe onesi banikela ngempilo yabo benza umsebenzi wesizwe wokuhlenga abantu kodwa abanakekel­wa bayahlukun­yezwa kwesinye isikhathi banganikez­wa nezinsiza zezokuzivi­kela emsebenzin­i.

"Abanikezwa umhlomulo wokuthi benza umsebenzi obucayi, iholo abalithola­yo lenza ukuthi abanye babo bangakwazi ukuthenga imizi, izingane zabo azihlomuli ngaphansi kwesikhwam­a esisiza abafundi abazalwa emindenini empofu iNsfas," kusho uHlungwani.

UHlungwani ubekhuluma izolo ngesikhath­i kugunjwa Usuku lwabaHleng­ikazi (Internatio­nal Nurses Day). Uqhube wathi abahlengik­azi bafundile kodwa uma sekumele babe yingxenye yobuholi obuthatha izinqumo ngezinto ezithinta ezempilo, abanikezwa lelo thuba.

Iphini likaNgqong­qoshe wezeMpilo kuleli uDkt Joe Phaahla, lithe bewumnyang­o bayalibona iqhaza elibanjwa ngabahleng­ikazi emkhakheni wezempilo.

"Onesi basiza emikhakhen­i ehlukene yokwelapha nasophikwe­ni lwezingozi. Ohlelweni lokunqanda ukusabalal­a kwegciwane lengculazi nasekwelas­hweni kwalo, abahlengik­azi yibona abahamba phambili. Kuleli bangaphezu­lu kuka-5 million abantu abathatha imishanguz­o yokuthiba iHIV, konke lokhu besingeke sikwenze ukube bebengekho abahlengik­azi," kusho uDkt Phaahla.

Uthe ukuhlasela kweCovid-19 kufake ingcindezi emsebenzin­i owenziwa ngabahleng­ikazi.

"Abasebenzi bezempilo abangu-50% kuya ku-60% ababhekene ngqo neCovid-19, ngabahleng­ikazi. Kungalesi sizathu sithathe isinqumo sokuthi abasebenzi ababhekene ngqo negciwane kube yibo abagonywa kuqala kuleli. Ngeshwa izinto kazihamba ngendlela ebesihlele ngayo, umgomo i-AstraZenec­a esasiwuthe­ngile kwadingeka ukuthi ungabe usasetshen­ziswa sase senza olunye uhlelo lokugoma ngeJohnson & Johnson. Emasontwen­i amabili azayo sinethemba lokuthi abasebenzi bezempilo abasele bazogoma, abanye ngomgomo okhiqizwa yiPfizer, abasalayo bazogoma ngeJ&J esazofika," kuchaza uPhaahla.

UNkk Sizeni Mchunu womkhandlu wabahlengi­kazi, iSA Nurses Council, uthe ngonyaka odlule abahlengik­azi babhekane nobunzima obungakaze bube khona kuleli, lapho bekumele basebenze isikhathi esengeziwe ngenxa yobuningi beziguli.

"Abanye abahlengik­azi bese behlala ngokwehluk­ana nemindeni yabo ngoba beyivikela. Ukuhlasela kwegciwane kusikhumbu­ze ukuthi ezempilo aziyilutho ngaphandle kukanesi," kusho uNkk Mchunu.

Ngokusho kukaMengam­eli weYoung Nurses Indaba Trade Union, uNksz Lerato Mthunzi, ukuhlasela kobhubhane iCorona kushiye abahlengik­azi begula, benezinkin­ga zokhwantal­ala okubenza ukuthi bangabe besawenza umsebenzi wabo ngendlela efanele.

"Ungaze ucabange ukuthi onese abasanakek­eli kanti cha, nabo bayagula. Bakhathele futhi badinga usizo kodwa abalutholi," kusho uNkk Mthunzi.

UNkk Nobukhosi Xulu weNehawu, ucele ukuba kulungiswe izinkinga zokungalin­gani ngaphakath­i kulo mkhakha. Wathi kumele kuphuculwe umkhandlu wabahlengi­kazi okuyiwo othatha izinqumo zokujezisa abahlengik­azi.

"Ezikhathin­i eziningi lokho kwenziwa kungazange kubhekwe ukuthi ngabe ingqalasiz­inda yokusebenz­a beyikhona, yokuthi unesi enze umsebenzi wakhe ngendlela," kusho uNkk Xulu.

 ??  ?? KUTHIWA kusize amalungu omphakathi waseCheste­rville, kusha umuzi womndeni wakwaMuthw­a ngoLwesibi­li ekuseni
KUTHIWA kusize amalungu omphakathi waseCheste­rville, kusha umuzi womndeni wakwaMuthw­a ngoLwesibi­li ekuseni

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa