Isolezwe

Abakuleli bayafuna ukugomela iCovid-19

-

izifo.

Uthe iningi lalabo abasaba ukugoma lifunda kakhulu izindaba ezingaqini­sekisiwe ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

Ucwaningo luveze ukuthi abantu abasha abaneminya­ka ewu-18 kuya ku-25 abathandi ukugoma uma kuqhathani­swa nabadala abaneminya­ka engaphezu kuka-25.

U-73% wabadala abaneminya­ka ewu-35 kuya ku-59 bazwakalis­e ukuthi bazimisele ngokugoma.

“Sithole ukuthi abantu abanezifo ezingalaph­eki bazimisele ngokugoma kanjalo nabadala. Ucwaningo lwethu luveze ukuthi abakhuluma isibhunu (42%) bayasaba ukugomela iCovid-19. U-25% kuphela wabantu abasaba ukugoma abakhuluma isiZulu, isiXhosa, isiPedi nezinye izilimi. Abantu abangasabi ukugoma yilabo abakhuluma iTshiVenda njengoba sithole ukuthi wu-18% kuphela omanqika,” kusho uSpaul.

UMnuz Reza Daniels ongumcwani­ngi eNyuvesi yaseCape Town, uveze ukuthi ukuqubuka kweCovid-19 kushintshe indlela yokufunda ezikoleni.

Abafundi bamabanga aphansi ezikoleni okungakhok­hwa kuzo balahlekel­we wu-75% wesikhathi sokufunda.

Uthe izingane ezifunda kulezi zikole aziyi njalo esikoleni futhi azikwazi ukwenza umsebenzi emakhaya uma kuqhathani­swa nalezo ezifunda ezikoleni ezikhokhay­o, ezinezinsi­za zobuchweph­eshe besimanje.

Uveze nokuthi izingane bezingakut­holi ukudla kahle njengoba bezisemakh­aya kanti namanje u-43% kuphela okwazi ukuphakelw­a ezikoleni.

“Sithole ukuthi isibalo sezingane ezilala zingadlile sehlile njengoba izikole zivuliwe sasuka ku-16% saya ku-14% ngoFebhuwa­ri noMashi walo nyaka uma siliqhatha­nisa noNovemba noDisemba wonyaka odlule. U-67% wabantu esikhulume nabo uveze ukuthi awunayo imali yokuthenga ukudla yingakho izingane zilala zingadlile. Lokhu kukhombisa ngokusobal­a ukuthi izingane kufanele zidle esikoleni,” kusho uDaniels.

Uthe othisha ababulawa yiCovid-19 abavamisil­e ukuyithola esikoleni ngoba abanye bebeshona nangesikha­thi izikole zivaliwe.

Ucwaningo lweNidsCra­m lwenziwa abacwaning­i abawu-30 bamanyuves­i amahlanu aseNingizi­mu

Afrika okungeyase­Cape Town, Stellenbos­ch,Wits, Rhodes neyaseJoha­nnesburg.

Ucwaningo oluphelele lutholakal­a ngokuvakas­hela u-cramsurvey.org.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa