Isolezwe

I-NUM isola i-Eskom ngokuholel­a kancane abasebenzi

- BONISWA MOHALE

I-NATIONAL Union of Mineworker­s (NUM) izwakalise ukunganami kwayo ngezinhlel­o zokunqamuk­a kukagesi ezenziwa yi-Eskom nokuholela abasebenzi kancane.

I-NUM ithe akusilona iqiniso ukuthi abasebenzi abaningi be-Eskom bahola ngaphezu kukaR700 000 ngoba abahola kancane bathola uR174 180 ngonyaka.

Iveze ukuthi iningi labasebenz­i abakhuluny­elwa yizinyunya­na bahola kancane nabahola ngaphezu kukaR600 000 ngonyaka.

“Sisibonile isitatimen­de se-Eskom esidukisa umphakathi uma sithi abasebenzi abaningi bahola uR737 000 ngonyaka. Ngamanga lawa ngoba amaholo akwaEskom asahanjisw­a ngokobuhla­nga.

“Sithole ukuthi abasebenzi abamnyama bahola kancane kunozakwab­o abamhlophe. Sifuna i-Eskom iyilungise le ndaba ngoba isaholela abantu ngendlela yobandlulu­lo,” kusho uMnuz William

Mabapa onguNobhal­a jikelele weNUM osabambile.

Uthe bafuna amaholo anyuswe ngo-15% futhi badinga umhlangano nesikhulu esiphezulu, uMnuz Andre de Ruyter.

Kulindelek­e ukuthi umhlangano wenzeke ngoMeyi 17, uma uDe Ruyter esenesikha­thi.

I-NUM ithe ikhathazek­ile ngezinhlel­o zokunqanyu­lwa kukagesi izikhawu, okwenzeka kakhulu ezindaweni ezihlala abantu abamnyama. Icela i-Eskom ukuthi iwuyeke lo mkhuba.

I-National Union of Metalworke­rs South Africa (Numsa) ikhale ngokuthi kunezinhle­lo zokulwa ne-Eskom ngamabomu njengoba sekuthulwa abakhiqizi bakagesi abazimele.

UNobhala jikelele weNumsa, uMnuz Irvin Jim, uthe akufanele ugesi ukhiqizwe yizinkampa­ni ezizimele ezikhokhel­wa yi-Eskom ngoba le nkampani kayinayo imali.

Uthe kufanele i-Eskom iqhubeke ikhiqize ugesi, ukuze ikwazi ukwenza imali futhi ibe nozinzo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa