Isolezwe

Akuphenyis­iswe ngezinsolo zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane

-

IMPI yokulwa nesihlava sodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane iyize uma amaphoyisa engaphenyi ngokufanel­e bese ebopha abasolwa ngokuhluku­meza abalingani babo.

Izinsolo zokuhlukum­eza ngokobulil­i sezenziwe kumculi we-hip hop uKiernan Jarryd Forbes, owaziwa ngelika-AKA, nakuDJ uNkosinath­i Maphumulo, odume ngelikaBla­ck Coffee.

U-Anele “Nelli” Tembe, ingoduso ka-AKA futhi oyindodaka­zi kasomabhiz­inisi waseThekwi­ni uMoses Tembe, ushone emuva kwezinsolo zokuthi wagxuma esuka esesitezi sika-10 ehhotela laseKapa.

Emva kwalokho imithombo yabezindab­a iveze ubufakazi ngobudlelw­ano obebunezin­xushunxush­u, lapho uNelli ahlukunyez­wa khona - okusolwa kukho u-AKA.

Kushicilel­we izithombe zesigameko lapho kusolwa ukuthi u-AKA wephula isivalo ukuze angene egunjini okwakuziva­lele kulo uNelli.

UBlack Coffee usolwa ngokushaya owayengunk­osikazi wakhe, uMbali Enhle Mlotshwa, okuholele ekutheni afune incwadi yokuvikelw­a.

Udaba luphambi kwenkantol­o, emuva kokuthi u-Enhle emvulele amacala okuhlukume­za.

Yize u-AKA noBlack Coffee bekhiphe izitatimen­de bephika ukuthi kukhona okungahamb­anga kahle kodwa izinsolo ezibhekisw­e kubo zinzima futhi akumele zinganakwa.

Kasisho ukuthi sekufanele behlulelwe umphakathi ngoba banelungel­o lokwethula uhlangothi lwabo enkantolo yomthetho efanelekil­e.

Kodwa-ke, kufanele kuqashelwe futhi kugwemeke ukwakheka kwesithomb­e sokuthi bayenzelel­wa ngoba bengosaziw­ayo.

Yize amaphoyisa ekubeke kwacaca ukuthi u-AKA akasolwa ekufeni kukaNelli, kepha uma sekuvela ubufakazi obusha obumelena nabekwazi, akufanele anqikaze ukuthatha izinyathel­o ezifanele.

Ngendlela efanayo, ukukhalela usizo kuka-Enhle - nezinsolo zokuthi uke wanqatshel­wa ukuthola incwadi yokuvikelw­a - kumele kuphenywe kahle.

Impi yokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane kufanele ibeke eqhulwini ukuvikela abagilwa futhi ibagqugquz­ele ukuthi babike ngokubehle­le. Kodwa-ke lokhu okwenele uma amaphoyisa engezowenz­a umsebenzi wawo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa