Isolezwe

Luphathwe ngobunono olokubekwa kweSilo

-

kaPhunga noMageba kusukela kudala kuze kube manje. Ngingathi nje sikuchoma uphaphe legwalagwa­la njengamaZu­lu, uyindoda emadodeni.

Ngiphinde ngincome iSilo uZwelithin­i noNdlunkul­u wakhe osanda kukhothama okaSobhuza ngokuhlela kahle ifa nokukwazi ukuqonda kahle ngaleli siko lokuqoka ozongena esihlalwen­i sobukhosi.

Phela isiko lithi noma ngabe inkosi noma iSilo sesithathi­le kodwa uma sathatha ebukhosini umntanenko­si uba ngaphezulu kwabanye ondlunkulu. Udaba olufana nalolu lwenzeka esizweni sakwaMkhiz­e ngeminyaka yawo-1898 ngesikhath­i kukhotheme inkosi uNgunezi. Kwaba khona isidididi kubanga amadodana akhe uTilongo noSkhukhuk­hu kwakukhona abathi inkosi enkulu yabaMbo uTilongo abanye bethi nguSkhukhu­khu.

Umbango wadalwa wukuthi uNgunezi wayengalih­lukanisang­a ifa futhi ekade egcagcelwe wumntanenk­osi eSwatini. uNgunezi washada nonina kaSkhukhuk­hu kuqala kodwa wangamthol­a umfana, sase isizwe sabaMbo sinikela eSwatini nomhlambi wezinkomo owawukhish­we yisizwe salanda indodakazi kaMswati ukuba izozala inkosi, yafika yazibula ngoTilongo kwathi makhathale­ni unina kaSkhukhuk­hu wathola uSkhukhukh­u. Umbuzo owahlukani­sa isizwe phakathi ngowokuthi “ngubani inkosi.”

Ngokwesiko inkosi kwakunguTi­longo ngoba unina wayeyindod­akazi yeSilo uMswati, njengoba kwenzekile endlunkulu kaZulu, iSilo nguMisuzul­u ngoba unina uyindodaka­zi yeSilo.

Yize babekhona abanye abafana kwabanye ondlunkulu bakaNgunez­i kodwa amandla abo aqedwa wukuthi uNgunezi wayethathe indodakazi yeSilo. Konakala ngokuthi udaba luye ezinkantol­o lwangenwa ngabelungu ababengaha­mbisani namasiko esintu, izinhloso zabo kwakuwukud­la izwe.

Bafaka unyawo bahlukanis­a umbuso waseSimahl­eni bakha ubukhosi baseMbo-Thimuni ngoba bengazi ngamasiko esintu.

Siyabonga koMageba ngokuliqon­da kahle leli siko bakhetha iSilo esivunywe yisiko nezinyande­zulu. Ayihlale phansi ibambe umthetho.

Mahlafuna Mkhize

ETHEKWINI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa