Luphathwe ngobunono olokubekwa kweSilo
kaPhunga noMageba kusukela kudala kuze kube manje. Ngingathi nje sikuchoma uphaphe legwalagwala njengamaZulu, uyindoda emadodeni.
Ngiphinde ngincome iSilo uZwelithini noNdlunkulu wakhe osanda kukhothama okaSobhuza ngokuhlela kahle ifa nokukwazi ukuqonda kahle ngaleli siko lokuqoka ozongena esihlalweni sobukhosi.
Phela isiko lithi noma ngabe inkosi noma iSilo sesithathile kodwa uma sathatha ebukhosini umntanenkosi uba ngaphezulu kwabanye ondlunkulu. Udaba olufana nalolu lwenzeka esizweni sakwaMkhize ngeminyaka yawo-1898 ngesikhathi kukhotheme inkosi uNgunezi. Kwaba khona isidididi kubanga amadodana akhe uTilongo noSkhukhukhu kwakukhona abathi inkosi enkulu yabaMbo uTilongo abanye bethi nguSkhukhukhu.
Umbango wadalwa wukuthi uNgunezi wayengalihlukanisanga ifa futhi ekade egcagcelwe wumntanenkosi eSwatini. uNgunezi washada nonina kaSkhukhukhu kuqala kodwa wangamthola umfana, sase isizwe sabaMbo sinikela eSwatini nomhlambi wezinkomo owawukhishwe yisizwe salanda indodakazi kaMswati ukuba izozala inkosi, yafika yazibula ngoTilongo kwathi makhathaleni unina kaSkhukhukhu wathola uSkhukhukhu. Umbuzo owahlukanisa isizwe phakathi ngowokuthi “ngubani inkosi.”
Ngokwesiko inkosi kwakunguTilongo ngoba unina wayeyindodakazi yeSilo uMswati, njengoba kwenzekile endlunkulu kaZulu, iSilo nguMisuzulu ngoba unina uyindodakazi yeSilo.
Yize babekhona abanye abafana kwabanye ondlunkulu bakaNgunezi kodwa amandla abo aqedwa wukuthi uNgunezi wayethathe indodakazi yeSilo. Konakala ngokuthi udaba luye ezinkantolo lwangenwa ngabelungu ababengahambisani namasiko esintu, izinhloso zabo kwakuwukudla izwe.
Bafaka unyawo bahlukanisa umbuso waseSimahleni bakha ubukhosi baseMbo-Thimuni ngoba bengazi ngamasiko esintu.
Siyabonga koMageba ngokuliqonda kahle leli siko bakhetha iSilo esivunywe yisiko nezinyandezulu. Ayihlale phansi ibambe umthetho.
Mahlafuna Mkhize
ETHEKWINI