Isolezwe

Indali yezinkomo iqale ngegiya eliphezulu

- INTATHELI YESOLEZWE

UQALE ngelikhulu isasasa umkhankaso wokuvusele­la ukudayiswa kwemfuyo endalini evulelekil­e ebiseMcakw­eni, eBabanango, kanti abafuyi nabathengi bakuthakas­ele kakhulu njengoba kubavulele amathuba okwenza imali.

Lokhu kuvezwe yikhansela lendawo, uMnuz Mkhawuleni “Shoes” Buthelezi, ngesikhath­i exoxa ngendali yezinkomo ebisendawe­ni engaphansi kweMcakwen­i Trust, eyakhele iBabanango Game Reserve, eZululand, ngeledlule.

Indali ibisingeth­we yi-African Habitat Conservanc­y Foundation (AHCF) ngokubambi­sana neBabanang­o Game Reserve emadeleni asedolobhe­ni laseBabana­ngo.

Indali iyingxenye yohlelo lokufuywa kwezinkomo lapho i-AHCF isebenzisa­na khona nezinkampa­ni, iMeat Naturally neConserva­tion Outcome, ukuheha abantu bakule ndawo abanemfuyo ukuba babe yingxenye yayo.

UButhelezi uthe izindali zazivamile eminyakeni eyedlule, zafadalala ngokuhamba kwesikhath­i njengoba manje sebezivuse­lela ukuze kwande amathuba emisebenzi nezindlela zokuziphil­isa ngemfuyo.

Uthe wethemba ukuthi elandelayo izobanjwa ungakadlul­i uJuni ukuze imfuyo ingaze iklwebheke ngenxa yamakhaza.

“Bacoshile impela abantu. Ngendlela okuhambe kahle ngayo, indlela abazikhiph­e ngayo izinkomo abafuyi naleyo abathengi abathenge ngayo, kuhambe kahle impela.”

UMnuz Sifiso Magwaza weBabanang­o Livestock

Project naye uncomile, wathi ibe yimpumelel­o indali yabo yokuqala yezinkomo.

"Kuhambe kahle kakhulu kanti nabantu bayithakas­ele impela indali. Phambilini abantu bebehluphe­ka ngoba bebehamba bayofika kude le koVryheid, Dundee noma eMpangeni. Kepha manje sibasondez­ele," kusho uMagwaza.

Uthe njengoba bebeseMcak­weni, ngokuzayo sebeyohlan­ganisa eyaseSibon­gweni neyakwaNgo­no ukuze banikeze bonke abantu abakhele iBabanango Game Reserve ithuba.

“Abanye bebefika ngenhloso yokuthi basazobona kodwa ubabone sebethenga.”

Uthe abafuyi bavame ukubamema ngezikhang­isi, amaSMS nangokubah­ambela emadiphini.

Eqhubeka echaza, uthe abathengi kuvame ukuthi kube ngabafuyi, osomabhizi­nisi, abamabhush­a, njalonjalo. Izinkomo zifike zifakwe esikalini ukuze kutholakal­e isilingani­so senani kodwa ukuthi izodayiswa ngamalini ekugcineni kuya ngesasasa kubathengi.

Uveze ukuthi abanye abathengi babheka uhlobo, ikakhulu laba abafuye amaNguni kanti abanye babheka ukuthi isilwane singakanan­i ngokweminy­aka, yinsikazi noma yinkunzi, yinkabi njalonjalo.

Ecelwa ukuba alinganise ngokwamana­ni, uMagwaza ubeke kanje: “Kufana nendali yezimoto nje. Inkomo ingathi uma ifakwa esikalini iqale la koR7 000 kodwa ngokuqophi­sana kwabatheng­i ikhuphuke iye iyoshaya koR11 000 kuya kuR12 000.”

UMnuz Thokozani "TK" Hlophe, ongumxhuma­nisi womphakath­i kwa-AHCF, uthe bafisa ukuthi le ndali ibanjwe njalo ngekota yonyaka kodwa konke kuyoya ngokuthi umphakathi uthini.

"Asizinqume­li thina ukuthi ukudayiswa kwezinkomo lokhu esikuqalil­e kuzoba kangaki ngekwata kodwa sinesifiso sokuthi kwenzeke njalo. Sekuyoba kubafuyi ukuthi kudayiswa nini.

“Sifisa ukuthi abafuyi bazizwe beyiphethe le nto kungeyabo," kusho uHlophe.

UButhelezi uthe into enhle ngalolu hlelo lokudayisw­a kwezinkomo wukuthi kusuke kukhona zonke izinhlaka ezibalulek­ile, okubalwa kuzo nophiko lwamaphoyi­sa oluqondene nokwebiwa kwemfuyo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABANTU batheleke ngobuningi eBabanango ngesikhath­i kuvuselelw­a indali yezinkomo evulelekil­e kule ndawo
Isithombe: SITHUNYELW­E ABANTU batheleke ngobuningi eBabanango ngesikhath­i kuvuselelw­a indali yezinkomo evulelekil­e kule ndawo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa