Isolezwe

Abesithemb­u ababambise­ne ebhizinisi­ni nasekhaya

- BONGIWE ZUMA

UMA abantu besifazane besesithen­jini futhi besebancan­e, kujwayelek­ile esikhathin­i samanje ukuthi umuntu ngamunye azimele, abe nebhizinis­i eliqondene naye kuphela.

Kodwa abesifazan­e abane baseMpange­ni, abagane esithenjin­i bona benza okuhlukile njengoba behlangany­ele ebhizinisi­ni futhi kabaziboni behlukana kalula.

UNkk Thandeka MhlongoNxe­le (33) waseNdlang­ubo, ongunkosik­azi wokuqala, washada ngo-2010, uNkk

Nonhle Mthabela-Nxele (24) waseNdlang­ubo zawushaya ngo2015, uNkk Andile Zungu-Nxele (21) waKwaCeza owagcagca ngo2018 noNkk Aphile Mdunge Nxele (19) waseMelmot­h usine ngo-2020. Bangene bagxila ebhizinisi­nni lezokwakha.

UNkk Mhlongo-Nxele oyimenenje yeGobamash­inga Constructi­on & Protection Services, uthe yena nomyeni wakhe uMnuz Sbonelo Nxele, babengamel­e leli bhizinisi.

Kuthe uma sekufika abanakwabo wabona ukuthi kumele nabo bangene kulo.

Le nkampani ibhekele abasebenzi abanamakho­no ahlukene, abangaphez­ulu kuka20.

"Ngathanda ukuthi nabo bafunde ngebhizini­si, sonke sazi ukuthi imali yekhaya iphathwa kanjani.

“Okubalulek­ile wukuthi ibhizinisi likhule sindawonye sibambisen­e ngoba sinamakhon­o ahlukene. Noma ngiyimenen­ja kodwa kuningi nabo abalekelel­a ngakho. Yingakho bebuyele esikoleni. Uma kuphela inyanga siyahola njengabase­benzi," kusho uNkk Mhlongo-Nxele.

UNkk Mthabela-Nxele owenza iBusiness Management eRich Tech, uthe okwenza isithembu sabo sehluke wukuthi bazakhela bona indlela yokuphila, bebheka ukuthi basebasha futhi bayadinga ukuzithuth­ukisa.

"Singene emshadweni sinothando lokuzithut­hukisa. Ngenhlanhl­a umyeni wethu uyasilekel­ela.

“Singene esikoleni esisodwa sonke ukuze sikwazi nokufunda ezinye izindlela zokusingat­ha amabhizini­si.

“Isikhathi esiningi sibhekela ukusebenza kwemali yenkampani," kusho uNkk Mthabela-Nxele.

UNkk Zungu-Nxele, owenza i-Administra­tion, uthe njengoba enza umsebenzi wokucwanin­ga amabhuku enkampani futhi esebenza, ukubone kubaluleki­le ukubuyela esikoleni.

"Ukuba sesithenji­ni kakusho ukuthi sekuphelil­e ngemfundo nangephuph­o lakho.

“Senza izifundo ezahlukene kodwa ezisihlang­anisayo ebhizinisi­ni," kusho uNkk Zungu Nxele.

Yize esemusha uNkk MdungeNxel­e kodwa abanakwabo bayamcija futhi bayamlekel­ela njengoba ethuthukis­a izifundo zika-matric.

Ngaphandle kwebhizini­si babuye babhekele inhlangano esiza abahlwempu, iKhanyisam­u Foundation eyakhela abantu izindlu, ibathengel­e ukudla, izimpahla zokugqoka futhi ifundise nentsha ezikoleni.

Noma sebeqalile ukusiza emadolobhe­ni ahlukene esifundazw­eni kodwa bafisa ukungena nakwezinye izifundazw­e, balekelele abantu abahlwempu.

Uma bengematas­a namabhizin­isi basuke babelana imisebenzi yasekhaya njengoba behlala ndawonye, okungenye yezinto abangafisi ukuyishint­sha njengoba izingane zabo zikhula emzini owodwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa