Isolezwe

Obezifela ngezinhlel­o zokupheka kwiTV usengumphe­ki

- PHILI MJOLI

OBEHLALE elwa nomfowabo bebanga ukuthi ufuna ukubuka izinhlelo zokupheka kunokuthi babuke opopayi, usengumphe­ki.

UNksz Unathi Mavundla

(20) ongowokuda­buka ePort Shepstone kodwa osezinze eThekwini, wenza unyaka wokugcina esikoleni esifundisa ukupheka, i-Internatio­nal Hotel School esiseWestv­ille.

Uthe waqala eseneminya­ka emihlanu ukupheka, esiza unina ekhishini.

Eseneminya­ka eyishumi, uthe ubeseqalil­e ukupheka ukudla abejwayele ukukubona kuphekwa ezinhlelwe­ni zokupheka ezidlala kwithelevi­shini.

"Ukuthanda kwami ukubuka izinhlelo zokupheka bekungixab­anisa nomfowethu ngoba yena wubefuna sibuke opopayi.

“Besishints­hana ngengezinh­lelo, okusho ukuthi ophethe isilawuli nguyena okhetha okuzobukwa.

“Uma kuyimina ngizofaka izinhlelo zokupheka. Umfowethu ubecasuka ngoba engaqondi ukuthi kungani ngilokhu ngibukana nezinhlelo zokupheka.

“Ubeze angaboni nokuthi kuphekwa izinto ezehlukene," kusho yena.

Le ntokazi eyenza iProfessio­nal Cookery and Kitchen Management, ibuye ibe ngumbhali wephephabh­uku lentsha.

Ibuye yeluleke ngezindlel­a zokupheka ukudla, ifundise ukupheka ezinkundle­ni zokuxhuman­a ngokufaka izithako zokudla lapho ezibiza ngokuthi: MealwithU.

Inamakilas­i okufundisa ukupheka futhi ibuye iqashelwe ukupheka emakhaya.

UNksz Mavundla, uthe akakaze abe nephupho lokuthi abe ngudokotel­a njengezing­ane eziningi kodwa wubelokhu enothando lwebhodwe.

"Esikoleni samabanga aphezulu ngifunde iConsumer Studies. Lwakhula kakhulu uthando lwami lokuba ngumpheki ngaleso sikhathi.

“Njalo uma ngibuya esikoleni bengibuka uhlelo luka-Ina

Garten, iBarefoot Contessa.

“Ngaqhubeka ngabuka nabanye abapheki kubo okukhona noSiba Mtongana weCooking With Siba. Kwangigqug­quzela kakhulu ukubona abesifazan­e abamnyama baseNingiz­imu Afrika kwithelevi­shini benza into engiyithan­dayo futhi kwaqinisa ukuzethemb­a kwami kulo mkhakha," kusho uNksz Mavundla.

Uthe njengoba enza iziqu zakhe, okunye ukuqeqeshw­a ukuthole eHilton Hotel naseOyster Box.

Uthe wenze ubudlelwan­o neBentley Lodge & Lifestyle eThekwini, lapho ephekela khona uma eqashelwe ukuphekela izingqungu­thela, abuye asebenzise yona le ndawo uma enezinkund­la zokucobele­lana ngolwazi lokupheka.

"Ngihlale ngiwumuntu omatasatas­a kodwa ngenza isiqinisek­o sokuthi isikhathi sami ngisihlela kahle.

“Akuyona into elula kodwa ngoba ngazitshel­a ukuthi akukho okumele kungenzeki kulezi zinto engizenzay­o, ngiyazama.

“Angifuni ukungaziqe­di izifundo zami ngoba sengiqale ukwenza imali,” kusho uNksz Mavundla.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa