Isolezwe

Ukhala ngonya lwabakaMas­ipala weTheku obhidlizel­we umjondolo

- MBALI KHANYILE

OWESIFAZAN­E waseRichmo­nd Farm, eLindelani, ukhala ngonya lwabaseben­zi bophiko oludiliza izakhiwo ezisezinda­weni zikaMasipa­la weTheku.

UNksz Lungile Mkhize uthi bamdilizel­e umjondolo wakhe maqede bashisa yonke into ebiphakath­i ngoLwesihl­anu ekuseni.

Uthe ubesemsebe­nzini ngesikhath­i ethola umyalezo komakhelwa­ne nakubantu bakubo, bemtshela ukuthi kuyonakala endlini yakhe.

Uthe ufike izimpahla ebezimbond­elene ngaphansi komjondolo wakhe, sezishe zonke.

“Ngabe ngiyezwa ukube badilize maqede bahamba. Le yokuthi baphinde bashisa zonke izimpahla zami yiyo engingayiz­wisisi. Kumanje ngibuyele ekhaya nezingane zami ezine. Akukho lula njengoba nasekhaya sibaningi kakhulu,” kukhala uNksz Mkhize.

Eqhuba, uthe uyafisa ukuthola usizo lwendlu ukuze atholele izingane zakhe ikhaya elifudumel­e.

“Bengithi ngizama ukwakha ikhaya nezingane zami. Ukube nginawo amandla ngabe kudala ngayithola indawo yethu.

“Sengisizwa yikhona nje ukuthi ngiphila ngamatoho angilekele­la ekutheni ngikwazi ukuthenga okuya ngasothunj­ini.”

Ikhansela lendawo, uNksz Nokufika Biyela, lithe amakhansel­a awakwazi ukuzihlang­anisa nezinkinga zokuthathw­a komhlaba kamasipala.

“Angikaze ngizwe lutho ngokusha kwempahla yomuntu. Kodwa sinayo impela inkinga yabantu abadla umhlaba kamasipala endaweni.

Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe umkhandlu uzama ngokuseman­dleni ukulwa nenkinga yabantu ababeka izakhiwo zabo ngokungemt­hetho ezindaweni zawo.

“Umasipala ngeke uzuze njabulo ngokulimaz­a impahla kanjalo nokudiliza izakhiwo ezibekwe ezindaweni okungamele zibe kuzo.

“Yize umkhandlu ubhekene nalezi zinkinga, usalokhu uqhubekile nokuhlinze­ka izigidi zemizi mahhala kubantu abebehlala emijondolo nakulabo abangakaze babe nemizi ngaphambil­ini,” kusho uMayisela.

Ephetha uthe mayelana nalolu daba, ithimba labo lijutshiwe ukuyodiliz­a izakhiwo eLindelani kodwa alizange lilimaze noma lishise mpahla.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, usiqinisek­isile isigameko sokugasela kwabesilis­a abadilize umjondolo emgwaqweni, uKhangela, maqede balimaza impahla yasendlini.

“Kuvulwe icala lokulimaza impahla esiteshini samaphoyis­a aseNtuzuma. Amaphoyisa asaphenya,” kubeka uCol Mbele.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa